UNgqongqoshe nowakwakhe bavakashele iGroutville High School

2015-04-30 13:48

UNGQONGQOSHE wezaseKhaya, uMnuz Malusi Gigaba, uvakashele isikole, iGroutville High School ngeledlule ukuzo gubha usuku lokuzalwa kwenkosikazi yakhe uNkk Norma Gigaba.

UNgqongqoshe nowakwakhe bebephelezelwa umskazi woKhozi u-Dj Sgqemeza, okunguyena ohlele lo mcimbi, umculi wezokholo uMnuz Thina Zungu no-Dj Happygirl.

UNkk Gigaba unikele nge-Chess kulesi sikole okuyindlela yokugubha usuku lokuzalwa kwakhe.

Unxuse abafundi ukuba beqikelele ukuthi imiphumela yabo ibamihle uma kuphela unyaka, wathi uma isikole senze kahle uzophinde esivakashe ngonyaka ozayo ukuzo gubha usuku lwakhe lokuzalwa kanye nalesi sikole futhi uthe uzophatha nezipho.

Lo mcimbi obusingathwe abafundi, othisha nothishanhloko wesikole, uNkk Dolly Govender oyiSekela likaMeya waKwaDukuza, uNkk Dolly Shandu oyiSekela likaMeya wesifunda iLembe noMnuz Sibusiso Ngwane oyikhansela lika Ward-10

UMnuz Gigaba, ekhuluma nabafundi, uthe: “Into ebalulekile kini njengamanje imfundo,” kusho yena.

Unxuse abafundi ukuba bekhombise ukuzimisela emsebenzini wabo wesikole waphinde wabaxwayisa ngezingozi zokuya oncansini olungavikelekile, ukuphuza utshwala, ukusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni nokuzibandakanya nobugebengu.

UNgqongqoshe uqhube wathi abafundi mabangahlaseli abokufika, kodwa kumele bekhombise ukuzwana nokuzwelana nabo.

Uthe: “Umthwalo wenu njenga bantu base-Ningizimu Afrika, njengentsha yakuleli, ukuphikisana nenzondo nabalingani bethu base-Afrika, nokuzibophezela ekusebenzeni kanzima,” kusho yena.

Uthe intsha yakulesi sikole inethuba lokuba iqikelele ukuthi, uma umhlaba ucabanga nge Afrika, ucabange ngendawo eyenza izimanga, uthe lokhu kuzofezeka uma abafundi bebeka imfundo yabo phambili.

Uthe: “Sebenzisani lelithuba ukuba nibe abantu abaphumelelayo. Ngiyakholelwa kinina futhi ngiyathembela kinina. Ningabantu abanekusasa elihle, futhi abazo abaphumelelayo,” kusho uMnuz Gigaba.

UMnuz Gigaba uqhube wathi asikho isidingo sokuba abantu behlasele abokufika, bephinde bentshontshe izimpahla abazithengisayo, wathi uhulumeni uzibophezele ekutheni zonke izikhalo zomphakathi wase-Ningizimu Afrika zixazululwe.

Uthe kuyamuthokozisa ukuthi uwakwakhe unikele ngesipho kulesi sikole wathi uyazi qhenya ngalokhu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.