Basola ubuthakathi enganeni eshaywe inyoka

2017-01-19 06:01
UHlelokuhle Blayi ushone ngemuva kokushaywa inyoka okusolwa ukuthi yimamba. Photo: supplied

UHlelokuhle Blayi ushone ngemuva kokushaywa inyoka okusolwa ukuthi yimamba. Photo: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAZALI bosana olunezinyanga eziyi-9 olushone ngemuva kokushaywa inyoka endaweni yase Mbhayi oThongathi basola isandla sabathakathi ekushoneni kwendodana yabo.

Ngokusho kwalo mndeni wakwaBlayi, indodana yawo uHlelokuhle ubedlala endlini nodadewabo oneminyaka eyi-5 ngesikhathi unina uNkk Vuyiseka Blayi (27) ezwa into ishaya udonga ngaphandle.

Ekhuluma naleli phephandaba le-Weekly emzini wakhe oseMbhayi, uthe ngesikhathi ephumela emnyango uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ebona uhalakasha lwenyoka lumi ngomsila ikhanda lilunguze phezu kwendlu.

“Ngibalekile ngabuyela ngaphakathi endlini ngiyokwazisa uyise wabantabami. Kuthe naye uma ephuma wayibona ingaphandle kwendlu, kwathi ngemuva kwesikhathi yase iyanyamalala. Sibe sesingena ngaphakathi endlini sazitshela ukuthi mhlambe ihambile yabuyela esikhotheni. Kuthe ngisahlezi endlini ngayibona futhi seyingena ngomnyango iza mawala iqonde ngasezinganeni zami ebezidlala ngaphakathi endlini. Ngikhale kakhulu ngabaleka ngayowela kumnyango wegumbi lokulala ngephuka umlenze. Ithe uma seyingaphakathi endlini yazongolozela ingane yami encane. Lapho-ke ingane bese ikhala kakhulu ijuluka ikhihliza amagwebu. Uyise wengane naye uzamile ukutakula umntwana kodwa bekungathi kukhona lento esibambayo singakwazi nokunyakaza. Ibe seyisuka lenyoka yamisa ikhanda phendu komntwana emveni kwalokho yahamba yayongena ngemuva kwesicabha lapho ifike yahlala khona,” kuchaza yena.
UNkk Blayi uthi bakhale kakhulu kwaze kwafika omakhelwane abafike bayihlokoloza bezama ukuyibulala.

“Ivele yaphuma yazi hambela kancane. Kwale noma omunye womakhelwane eseyishaya emsileni, kodwa ayizange ibaleke. Ihambe kancane yaze yayongene esikhotheni ngaphandle komuzi. Sisola ukuthi lenyoka eyelumbo beyithunyelwe kimi ukuthi izongibulala. Ngisola ukuthi bekufanele kufe mina,” kusho yena.

Omunye womakhelwane uvumile ukuthi uyibonile inyoka emnyama ende isegcekeni lo muzi wakwaBlayi. UNkk Blayi uthe ube esephuthumisa ingane emtholampilo osenkabini yedolobha uThongathi nalapho ifike yashonena khona.

“Okungidida kakhulu wukuthi odokotela bathi abasitholi isihlungu emzimbeni womntwana. Ngisho emakhazeni ePhoenix lapho isidumbu sidluliselwe khona ukuba sihlolwe, abazange bathole isihlungu egazini lomntanami. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi bekuyinyoka yelumbo. Yizinto zabantu lezi. Kodwa ngisola ukuthi lenyoka beyizobulala mina.”

Isanuse sase Howick uDkt. Elliot Ndlovu uthe ukungena kwenyoka ekhaya kusho izinto ezimbili ezidinga umndeni uzibheke kabanzi.
“Kuyenzeka kwesinye isikhathi kungene inyoka esibayeni bese ithi uma iphume kusale kugingqike inkomo. Uma kubhekwa kutholakale ukuthi le nkomo ayizange ilunywe yinyoka. Lokho-ke kusuke kukhomba ukuthi kwesinye isikhathi abantu abadala bekhaya kunento ababekade beyisho benganakiwe bese befika ngolaka. Kuyenzeka kwesinye isikhathi inyoka ibe yilumbo, ngoba uma uthi uyabheka kulendaba yalengane, inyoka ingena endlini yase imisa ikhanda phezu kwengane. Into eyindida kakhulu wukuthi odokotela abasitholi isibiba emzimbeni wengane. Kunokwenzeka ukuthi kukhona ilumbo ngalenyoka. Lomndeni kumele uthole isiqiniseko ngalento. Kufanele babhekisise ukuthi ukungena kwalenyoka bekusho ukuthini. Akufanele bagijimele ukuthi bathakathiwe ngoba kunokwenzeka ukuthi kakunjalo. Okukuqala kufanele bazibheke bona ukuthi abanawo yini amacala emndenini ngaphambi kokusola ubuthakathiwe.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.