Isililo kudlula uqweqwe lomlingisi

2017-03-30 06:02
PISITHOMBE: SithunyelweIningizimu Africa igqemeke engeqiwa ntwana ngokudlula kuka Mnu Joe Mafela (osesithombeni).

PISITHOMBE: SithunyelweIningizimu Africa igqemeke engeqiwa ntwana ngokudlula kuka Mnu Joe Mafela (osesithombeni).

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BABHONGELE emswaneni ezinkundleni zokuxhumana abalandeli besihlabani somlingisi obephinda abe ngumdlali wemidlalo yakumabonakude uMnu. Joe “Sdumo” Mafela (75) odlule engozini yemoto ngesonto eledlule.

UMnu. Mafela kubikwa ukuthi ubeshayela imoto ewuhlolo lweFord Figo ngesikhathi ishayisana nenye eyiveni emgwaqeni uM1 North ngomhla ziyi-18 kuNdasa (March). Lesihlabani saduma kakhulu emdlalweni kamabonakude wamahlaya obizwa nge-Sgudi Snaysi oqale ukudlalwa ngonyaka ka 1980.

Uphinde waduma ngengoma yakhe ethi Shebeleza eyadlalwa kakhulu ngesikhathi semidlalo ye-Africa Cup of Nations ngo 1996 lapho iqembu lebhola laseNingizimu Africa laphuma phambili.

ULindiwe Gama ubhale ku-Facebook wathi: “Lala ngoxolo uyibekile induku ebandla yebo uyiqhawe Sdumo uyisidumane ngempela umhlaba awunoni ndlelanhle. Sohlala sikukhumbula.”

Onwabile Arshbolt Dlamini ubhale wathi: “Sigqemeke engeqiwa ntwana ingozi ngo Mnu Joe Mafela kunzima ukwamukela indlela osishiye ngayo. Siyabonga uyibekile induku ebandla izwakele naseCongo siyohleli siShebeleza.”

Nkosinathi Bha Sibisi yena ubhale wathi: “Lala ngoxolo baba Sdumo Joe Mafela.”

UGugu Nkuna yena uthe: “Ingqalabutho uJoe Mafela usishiyelani na usishiya singaka lindeli usushiyelu size.”

UJoseph Ntuli uthe: “Lala ngokuthula Joe siyohlale sikukhumbula kakhulu nabomndeni wakho sithi duduzekani akwehlanga lungehlanga.”

UJiyana Konco uthe: “Kubuhlungu kakhulu ukuva lento yokuba utata uJoe mafela usishiyile. Lala ngoxolo.”

UMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma udlulise amazwi endunduzo emndenini wakwa Mafela.

Esitatimendeni esithunyelwe leliphephandaba uZuma uthe: “Sishaqekile kakhulu ngokudlula emhlabeni kwengqalabutho kwezikamabonakude ebeyithandwa abantu bonke eNingizimu Africa abadala nabancane.

UMnu Mafela obebizwa ngokuthi wuSdumo ubengumdidiyeli nombhali. Sidlulisa ukuzwelana okukhulu nomndeni sengathi engalala ngokuthula.”

UMnu Mafela ubengezinye zezingqalabutho eNingizimu Africa ezidume umhlaba wonke.

Uhlabane ngezindondo eziningi emkhakheni wezokulingisa nasendimeni yezobumnandi. Uqale ukulingise ngonyaka ka-1964.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.