Kusolwe indodana ekhubazekile kusha umuzi

2016-09-22 06:00
UMnuz Sinenhlanhla Mthembu (kwesokudla) ekhombisa umonakalo odaleke emzini kaNkk Themba Madondo ngesikhathi indlu yakhe ithungeleka ngomlilo. ISITHOMBE: andile sithole

UMnuz Sinenhlanhla Mthembu (kwesokudla) ekhombisa umonakalo odaleke emzini kaNkk Themba Madondo ngesikhathi indlu yakhe ithungeleka ngomlilo. ISITHOMBE: andile sithole

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USAKHUNGATHEKILE umndeni wakwaMadondo endaweni yaseCottonlands ngaphandle kwase Verulam ngemuva kokusha kwendlu abahlala kuyona ngesonto eledlule.

Lomndeni usale uzikhotha amanxeba ngemuva kokuba indodana yakhona engaphilile kahle ekhanda kusolakala ukuthi ithungele indlu ngomlilo ngoba unina enqabe nemali yokuthi iyokhokha esikoleni.

UNkk Themba Madondo (45) ongunina kamsolwa uthe indodana yakhe ithukuthele yagana unwabu uma eyitshela ukuthi akanayo imali yokubhalisela ukufunda esikoleni.

“Besilele endlini ngoLwesine ebusuku ngesikhathi efika ebuza ukuthi ngizomnika nini imali yokubhalisa esikoleni. Ngibe sengilandula kodwa ngamthembisa ukuthi ngizohamba ngiyoboleka komakhelwane ukuze akwazi ukuphindela esikoleni ayofunda. Kusukela lapho-ke uvele waba nodlame olwesabekayo wangalawuleka. Waphihliza zonke izimpahla ezisendlini. Kuze kwasiza ukufika komakhelwane abafike basilamulela sakwazi ukuphunyuka nezingane. Ungumuntu ohlale njalo abuye avukwe ukugula kwakhe, noma kungeyona into emqinisa kakhulu. NgoLwesihlanu uvele wathungela indlu ngomlilo kwasha yonke into ebiphakathi endlini. Kumanje ngisaqube komakhelwane ngisahlanganisa ukuthi yikuphi engingase ngikwenza ukuze ngibuyisele isimo kwesejwayelekile. Ngifisa ukuthi athole isikhungo sabakhubazeke ngokwengqondo ngoba unodlame kakhulu,”echaza.

Uqhube wathi indodana yakhe iphume esikoleni ngonyaka wezi-2013 ingakaqedi nomatikuletsheni ngenxa yokungaphili kahle.

“Washiya esikoleni ngenxa yokungaphili kahle ekhanda obekuhlala njalo kumvuka wagcina ephumile esikoleni. Ngifisa ukuthi athole indawo egcina abantu abasesimeni esifana nesakhe lapho ezokwazi ukuhlala khona elulekwe nangokwengqondo.

“Sishelwe yiyo yonke into ebiphakathi endlini kumanje angazi sizokwenzenjani. Nakuba ngiyaphefumula ngisindele omakhelwane abafike basiphephisa olakeni lwakhe. Okwamanje abazalwane bebandla engikhonza kulo basixhase ngokudla nangezinto zokugqoka,” usho kanje.

UNkk Madondo uthe kunzima njengoba engakwazi ukutholela indodana yakhe usizo nasezikhungweni zabakhubazeke ngokwengqondo.

Usihlalo weDA uMnuz, Sinenhlanhla Mthembu uthe: “Sithinte uphiko olubhekana nezimo eziphuthumayo ngaphansi kukaMasipala weTheku, basethembisa ukuthi bazoletha ukudla kanye nezinto zokugqoka. Nathi sizimisele ukuthi silekelele ngezinye izinto zokwakha ukuze lomndeni ukwazi ukufihla ikhanda.”

UThishanhloko wesikole sabantwana abaphila nokukhubazeka iGolden Step uMnuz Anesh Singh uthe: “Ngiyazwelana kakhulu nabazali ngesimo abakuso njengamanje. Ngicela bafike esikoleni ukuze ngibone ngingakwazi kanjani ukubasiza. Sizobheka imininingwane yengane yonke kanye nokugula kwayo bese sibona ukuthi singasiza kanjani.”

Ikhansela lendawo uMnuz Fakazi Mdletshe uthe: “Sibanikeze ukudla kanye nezinye izimpahla zasendlini njengoba kungumgomo wohlelo lukaMasipala weTheku ukuthi abantu basizwe uma beshelwe izindlu. Sisazoqhubeka sibatholele ezinye izinto abangazisebenzisa njengoba beshwelwe umuzi.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.