Ufuna ubulungiswa oshaywe ngunogada oThongathi

2016-10-13 06:00
Ubekhuluma aze abambe idolo uMnu. Allen Mgedu echaza ngokuhlukunyezwa kwakhe ngunogada esitolo sokudla oThongathi.  ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE.

Ubekhuluma aze abambe idolo uMnu. Allen Mgedu echaza ngokuhlukunyezwa kwakhe ngunogada esitolo sokudla oThongathi. ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USAZIKHOTHA amanxeba owesilisa okusolwa ukuthi ushaywe ngunogada ngemuva kokuthi ekhalaze ngempatho engeyinhle esitolo sokudla esisenkabini yedolobha oThongathi ngomhla ziyi- 07 kuMfumfu (October).

UMnu. Allen Mgedu (31) uzifikele mathupha emahhovisi aleliphephandaba ekhala ngesihluku sikanogada omshaye ngesibhakela wamfutha nangesisi esikhalisa unyembezi ngoba ekhalaze ngempatho yabathengi engeyinhle kulesitolo.

UMnu. Mdegu utshele i-Weekly ukuthi usephenduke inhlekisa nasemphakathini njengoba esehamba lukeke ngenxa yokubhinyilika kwedolo lakhe. Uthi ufike esitolo ezothenga inyama yenkukhu wama kulayini elindele ukuthenga.

“Ngithe uma sekumele ngithenge ngase ngithatha iphepha elibhalwe amanani ezidlo ngase ngibuza kowesifazane oshaya umshini (cashier) ngezinto abazidayisayo esitolo. Ngithe ngisaxoxa naye kwase kuqhamuka omunye wesilisa obengamile nakulayini wathenga kuqala kunami. Ngibe sengibuza ukuthi kungani bedayisela umuntu ofike kamuva kunami, ekubeni ngifike kuqala kunaye.

“Angizange ngiyithole impendulo eqondile. Ngiqhubekile ngabuza lona wesifazane oshaya umshini kodwa wangangiphendula. Kube sekufika umphathi wesitolo wangibuza ukuthi ngikhala ngani. Ngamchazela ukuthi angenelisekile ngendlela engiphatheke ngayo njengomthengi. Ube esengitshela ukuthi angiphume ngaphandle kwesitolo. Ngiqhubekile ngabuza ukuthi kungani engixosha ngingumthengi ngoba ngikhala ngempatho engeyinhle esesitolo sakhe.

“Ube esebiza unogada osebenza kulesitolo wafike wangidusha engikhiphela ngaphandle,” kusho yena.

UMnu. Mdegu uthi usola ukuthi ubukelwa ngaphansi ngoba engumuntu oMnyama.

“Ngfuna kwenzeke ubulungiswa kuloludaba. Sengivule icala lokushaywa emaphoyiseni asoThongathi. Ngihambile ngaya kudokotela wangihlola wase ethola ukuthi kube khona ukuphazamiseka enkomishini yedolo. Ngilimale ngesikhathi unogada engihlohloloza engidushela ngaphandle kwesitolo. Kuthe uma sesiphuma emnyango wangishaya ngesibhakela wangikhahlela ngawela ezitebhisini phambi komnyango. Uphinde wangifutha nangesisi esikhalisa unyembezi emehlweni. Lento ingiphatha kabi ngoba ngibona ngibukelwa phansi njengomthengi. Kumanje angisakwazi nokuya emsebenzini idolo lami alivumi nokugoba angazi noma ngisazokwazi yini ukuhamba ngendlela ejwayelekile. Ngifuna kwenzeke ubulungiswa lonogada ongishayile kumele aboshwe. Sekukaningi sizwa kuthiwa lonogada osebenza kulesitolo uyabashaya abathengi uma bekhalaza ngempatho engeyinhle esitolo,” ephetha.

Imenenja yakulesitolo engathandanga ukudalulwa igama layo ikuvumile ukuthi kube khona ukuxakazisana phakathi kukanogada noMnu. Mgedu, kodwa yenqabile ukudalula eminye imininingwane ngokuhlaselwa kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya.

“Amaphoyisa asoThongathi aphenya icala lokushaya ngemuva kokuthi owesilisa oneminyaka engama-31 evule icala emaphoyiseni. Lona wesilisa kusolwa ukuthi ushaywe ngunogada waphinda wamfutha ngesisi esikhalisa unyembezi. Bekungakaboshwa muntu ngalesigameko,” ephetha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.