Zibakhalele ababanjwe bedayisa izincwadi

2016-12-15 06:02
x ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE

x ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAVELE kafushane enkantolo yeMantshi eVerulam abesilisa ababili abasolwa ngokuba nesandla ekudayisweni kwezincwadi zekhansela le-DA eVerulam. Laba abasolwa ababili abaneminyaka yobudala ephakathi kwama-21 nama-37 bavele enkantolo ngomhla ziyi-6 kuZibandlela (December).

Ngokwemibiko yamaphoyisa abasolwa babekwe icala lokukhwabanisa ngemuva kokuba bebanjwe oqotsheni bedayisela abantu esikhungweni sokufundela ukushayela eVerulam ngesonto eledlule. Amaphoyisa akwa Metro alunywe indlebe ngalomkhonyovu okubikwa ukuthi bekudayiselwa amalungu omphakathi izincwadi zekhansela ngo-R50 iyinye. Ngokwemibiko yamaphoyisa namakhansela eqembu leDA eVerulam izincwadi bezidayiselwa abantu abazobhalisela izincwadi zokushayela eVerulam.

Lezincwadi kusolwa ukuthi bezintshontshwa ehhovisi lekhansela uMnu. Chris Langa bese zinikezwa umnikazi wesikole sokufundela ukushayela eVerulam.

Ethintwa ngaloludaba uMnu Langa ukuqinisekisile ukuthi kukhona abamlume indlebe ngomkhonyovu wokudayiswa kwezincwadi eziphuma ehhovisi lakhe. “Ngithole ukuphoxeka okukhulu ngabantu abangabanikazi bezikhungo zokufundela ukushayela. Ngilunywe indlebe ngumuntu othile ongitshele ukuthi udayiselwe incwadi esayindwe yimina futhi enophawu lukaMasipala weTheku. Ngibe sengiya kulendawo ngafika ngazidlisa satshanyana kodwa angizange ngithole lutho. Ngibe sengibikela amaphoyisa ase-Verulam ngaloludaba futhi ngakubeka kwacaca ukuthi kangihlangene nalomkhonyovu wokudayiswa kwezincwadi. Ngisola ukuthi kukhona umuntu othile obesebenza ehhovisi lami obekhipha lezincwadi ngokungemthetho azinike abasolwa. Ngibonga kakhulu umsebenzi wamaphoyisa ngokubopha lezigilamkhulu.”

UMnu. Langa uphinde waxwayisa amalungu omphakathi ukuthi aqaphele amaqola adayisa izincwadi zikamasipala ngokungemthetho. “Mina ngisiza umphakathi mahhala angiwukhokhisi lutho. Amalungu omphakathi kumele aqaphele kakhulu abantu abadayisa izincwadi ezinegama lami ngoba lokho kakukho emthethweni. Nginxusa bonke labo abake badayiselwa izincwadi ukuthi babikele amaphoyisa noma beze ehhovisi lami eVerulam.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel Thembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokukhwabanisa. “Abesilisa ababili babekwe icala lokukhwabanisa ngemuva kokuba kusolakala ukuthi bebedayisa izincwadi zekhansela.”

Abasolwa bazophinde bavele enkantolo mhla zingama-23 kuMasingana(January) ngonyaka ozayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.