Abazali abakhokhele imfundo yezingane zabo

2015-06-25 06:00

MHLELI: Kwelomphakathi ngicela ungiphe isikhala ngisike elijikayo. Kunento eseyijove indlu emnyama le yokuthanda izinto zamahala. Uma kusho umuntu omnyama ukuthi kayikhokhe igoloza imali ikhona emaphaketheni

Kuyosiza ezikoleni ukuthi kuqashwe uhlanga olumhlophe bese kuba yilo olutshela abazali ukuthi kakukhokhwe imali yesikole.

Nakanjani bayokhokha. Ubufakazi balokho uboke udayisele umuntu omnyama into, uzothi iyabiza, bese uyinikeza uMlungu uthi akakudayisele yona ithi xaxa kunale obewuyibizile, ayidayisele lo obekhale ngokubiza kuwena. Nakanjani uzoyithatha.

Izikole zidonsa kanzima kumanje, hhayi ngoba singabazali singenayo imali kodwa yingoba singafuni ukukhokha. Abazali uma sekukhulunywa eyokukhokha bamane bashalaze sengathi intombi ifuna ukuqoma, ushalaza nje wenze ikhanda ngenkulu imali le.

Omunye ushalaza nje ugqoke impahla ebizayo abengayikhokha ayiphinde kashumi le mali okukhulunywa ngayo.

Kuyilapho nohulumeni usazingqinda amandla izikole wathi zingayibambi imiphumela. Okumangazayo ukuthi ezikhungweni zemfundo ephakeme iyabanjwa kungabi ndaba zalutho.

Nakhona ezikhungweni zemfundo ephakema abantu bayathanda ukufaka izicelo zoNSFAS besebenzisa imininingwane yabogogo nomkhulu, abazali bekhona futhi behola kahle.

Okuxakayo ngabafundi abenza kanjalo ufica bephuza obubizayo utshwala lobu kodwa bengayikhokhile imali yesikole.

Laba bantu abangakhokhi abasali emicimbini okungenwa ngemali kuyona, beyobuka abaculi. Imali ekhokhwa kanye ngonyaka bayiqede ngosuku bebuka abaculi.

Mhlawumbe kuyosiza imali yesikole ishintshwe igama kuthiwe ‘’umgwazo’’ ngoba abantu bakithi bayathanda ukugwaza. Bake bafune ukugwazela nento etholwa mahhala.

Bazali uma sifuna izikole zethu zisebenze kahle kasizinikele ekutheni sizozikhokhela izingane zethu, asingacabangi ukuthi othisha badla imali yesikole. Uma sehlukanisa unyaka asinciphise ezintweni zokuzijabulisa sibekele unyaka ozayo. Sithengele izingane umfaniswano, izincwadi, sikhokhe, sigcine ngokrikhethi.

Okuxakayo ngokhrikhethi akekho ohambe etshela ababaqhumisayo ukuthi abakini bakhala kakhulu. Kuba umncintiswano ongenawo amajaji. Le mali oyishisayo yibekele ikusasa.

Bazali asiyithande imfundo, sizithande izikole zethu ukuze zibalwe nezihamba phambili ngemiphumela emihle. Bafundi yekani izidakamizwa ngoba zidicilela phansi ikusasa lenu.

Labo thisha ocabanga ukuthi bazimpatha uma sewudle lezi zinto zakho bona bafunda baqeda, nguwe ozokuba impatha kusasa bona beqhubeke nabahambayo.

BONGANI MZO NGUBANE

e-Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.