Akungaqanjelwqa amanga ukuthakatha

2015-05-14 06:00

KUYAHLUPHA okwethu thinandlu emnyama ngoba siyathanda ukuqambela abanye abantu amanga, abanye baze bafe befela ize. Siyayiphila impilo yamanga sibalekelane neqiniso. Isezinkonzweni abantu baphila ngamanga, bashumayeza abantu ngamanga.

Ukube bekushunyayezwa abantu ngeqiniso bebezothi abathunywe ukuba baphathe izwi leNkosi bona qobo abathandane bayeke ukutshela abantu ukuthi, ‘’abothanda omakhelwane njengoba bezithanda bona’’, besho bona benezinkonzo nabaphathi bezwi abababukela phansi nababakhuluma kabi.

Ezindawo zokusebenzela zigcwele amaphixiphixi afuna ukukhuphukela ezikhundleni ngamagama abanye abantu. Umuntu athi azi kahle ukuthi nasesikoleni akukaze kuthiwe akabhale ngisho abakhulumayo, bese ecabanga ukuthi uzophatha ngokuhleba abanye. Indlu emnyama ke emisebenzini iyavuma ukusetshenziswa ilezi ezinye izizwe ukufeza izinhloso zazo, nayo ivume ukuvukela umuntu omnyama, ngoba iyaziwa ukuthi inkulumo ebekwe ngeSingisi bayizwa kahle kunebekwe ngesiZulu.

Emsebenzini ke bayathanda nokuqambela abanye amanga kuthiwe umuntu wesimame uqomile engaqomile ngoba nakhu nje esebenza kahle. Kwenye inkathi ongasebenzi kahle uma eqondiswa izigwegwe athi ‘hhayi akangifuni wangeshela ngangamqoma usengizondela lokho’’. Angalikhulumi iqiniso, nabanye-ke sebeyowuthenga upathi bengezukufaka mafasitela.

Umuntu aze afe engalikhulumanga iqiniso lokuthi uniqomile nonke kodwa kubantu uthi niyameshela. Le mpilo yamanga isishaya noma sigula kuze kunukwe abantu, umuntu esho azi kamhlophe ukuthi uphethwe yini. Kayikho into ebuhlungu njengokuthi kuze kuxoshwe abantu badingiswe kuthiwe bathakathile umuntu kade aziwa kahle ukuthi uyathanda ukulala nabafazi babantu. Uma sezibanjwe kweziwudlayo, umuntu esethola ilumbo angake ayithi vu ukuthi indaba isemhlabeni ongezansi. Seniyobona senimgeza emakhazeni ukuthi ngisho kuthiwani akaze indoda ekahle ibenelingangelenkunzi yenkomo. Nibona emva kwendaba sebenukiwe abantu.

Le mpilo yamanga ithe chithi saka nakulusha. Ukugula kolusha kakuvezwa kuthi kwaziwa kahle ukuthi izingane besizidlula zincikisene emakhoneni nabantu abehlukene, kodwa uma sezigula kunukwe abantu. Bakwenza lokho nje bengahlehlile nasophuzweni oludakayo, nakwizidakamizwa. Mancane kakhulu amathuba okusebenzisa okokuzivikela uma niphushwa izidakamizwa. Sifihleke ukugula nokufa komuntu sikukhombe kubathakathi!

Nakuba bekhona abathakathi kodwa sesivika ngabo nakuba silazi iqiniso. Kunemindeni engezwene namhlanje eyanukwa kodwa bengenzanga lutho. Hlawumbe ugula nje mtomusha ilezi ngane owakhipha izisu zazo wazilahla, ziyakufuna ukube uzohlala nazo. Hlawumbe izinto zakho kazilungi nje ilendaba yokuphika izingane zakho nibambisane nowakwakho ukuba kukhishwe izisu. Uma waqhamuka nombono wokuthi kayikhishwe ingane, yazi ukuthi nawe ungumbulali. Ungcono kabi okhuleliwe ngephutha, wayizala ingane yaphila, okunawe okhuleliwe wase uyayibulala ngoba ujahe kuthiwe kawunangane kanti ezakho zingamathuna.

Uma ungasabatholi emshadweni wakho kunukwe abantu kanti ezakho zisezintabeni wazingcwaba wangagezwa.

Kulula kabi ukwelapha isifo uma umuntu ekhuluma iqiniso ukuthi uphethwe yini. Ake siyeke ukuphila impilo yamanga ngoba sijahe ukuba ongcwelengcwele. Unguxovizwe kodwa njalo ngamasonto uya enkonzweni ushumayele uze ucothame kodwa ube ungugedleyihlekisa (kangisho uMongameli wezwe).

bongani mzo ngubane

e-Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.