Angiyena umdlwenguli mina

2015-05-14 06:00
PHOTO:nompendulo ngubane

Umndeni wakwa Dlamini othi wahlukumezeka ngesikhathi uMnu Mzwakhe Dlamini ebhecwa ngecala lokudlwengula. Lapha uhleli nonkosikazi wakhe uNokuthula Dlamini

PHOTO:nompendulo ngubane Umndeni wakwa Dlamini othi wahlukumezeka ngesikhathi uMnu Mzwakhe Dlamini ebhecwa ngecala lokudlwengula. Lapha uhleli nonkosikazi wakhe uNokuthula Dlamini

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngokungcoliswa kwegama lakhe umlisa ona 57 othi wabhecwa ngobende inyama engayidlanga ngecala lokudlwengula intombazanyana eyayineminyaka eyi 9 yakamakhelwane ngesikhathi ebekwa icala.

UMnu Mzwakhe Dlamini owagwetshwa iminyaka eyi 16 ngonyaka ka 2013 ebekwe icala lokudlwegula uthi ufisa umphakathi wase Smero wazi ukuthi akanacala futhi akazange adlwengule njengoba wayechazwe njengomdlwenguli.

UDlamini waboshwa wabe esefaka isicelo sokuphikisa icala lakhe ngoba ezazi ukuthi umsulwa ngo 2013. Isicelo sokuphikisa saphumelela njengoba uDlamini etholakale engenacala ngoNhlolanja nonyaka. Intombazanyane egama layo laziwa iphephandaba i-Echo yayineminyaka eyi 9 ngesikhathi uDlamini kuthiwa uyidlwengulile.

Echaza mayelana nalesi sehlakalo uthe wabikwa emaphoyiseni njengomuntu odlwengulile ngonyaka ka 2010 nokulapho abe eseboshwa. Ngokusho kukaDlamini obenonkosikazi wakhe uNokuthula Dlamini ngesikhathi evakashelwe iphephandaba i-Echo eMbali Unit 2 lapho asehlala khona uthe ukuboshwa kwakhe nokuthukwa abantu bendawo kuyisilonda esingeke saze saphela kuye.

Lo mndeni waphoqeleka ukuthi usuke endaweni yase Smero uthuthele eMbali Unit 2 kubo ka Dlamini ngenxa yokuthi umndeni wakhe wabe ungasahleli kahle endaweni yaseSmero.

“ Ngokobufakazi obabuthulwa enkantolo abomndeni wentombazanyana bathi ngayidlwengula ngonyaka ka 2008 kodwa ngize ngaboshwa ngo 2010. Okwakuxaka ukuthi ubufakazi obabuthulwa enkantolo babungahlangani. Umndeni wami ikakhulukazi unkosikazi wami wangeseka ngoba wayekholelwa ukuthi anginacala. Lo mndeni owangibopha sasisondelene nawo angazi ukuthi ngabe yini eyadala ukuthi bangibophele amanqina enyathi ngalolu hlobo. Ngalihamba icala kwaze kuba kufika unyaka ka 2013 ngagwetshwa iminyaka eyi 16. Ngangena ejele kodwa angizange ngiphele amandla kodwa ngafaka isicelo sokuphikisa isigwebo nokwagcina ngokuthi ngiliwine icala ngonyaka ka2013 esho uDlamini.

UNkk Dlamini yena uthe lesi sehlakalo sawuhlukumeza kakhulu umndeni wakhe ikakhulukazi abantwana bakhe abafunda isikole.

“Ngangazi ukuthi umyeni wami akanalo icala yingakho ngameseka kwaze kwaba sekugcineni. Okubuhlungu ukuthi nogogo wengane sathola umbiko ukuthi ushonile. Kube buhlungu ukuthi ashone kube kukhona icala elingaka nobuhlungu umndeni wami owabuzwa. Siyafisa ukuthi umphakathi ikakhulukazi lona waseSmero ukuthi wazi ukuthi umyeni wami akazange adlwengule futhi nomthetho usukwazile ukuthi lokho ukuveze,” esho unkosikazi kaDlamini.

Uqhube wathi yize ehlale izinyanga ezine ejele kodwa impilo yakhe ike yama ngesikhathi evulelwe ngecala angalenzanga.

“Sikuzwile ukuhlukumezeka sigqigqa inkantolo ngecala elingekho. Ngifisa nokudlulisa umyalezo emphakathini wonke waseSmero ukuthi ungayenzi into yokubheca umuntu ngento angazange ayenze. Imoshakele impilo yomyeni wami nomndeni wethu uwonke nje,” kusho unkosikazi kaDlamini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.