‘Awasebenzi amaphoyisa eTaylor’s Halt’

2015-10-01 06:00

UMPHAKATHI wase-Elandskop ukhala ngesiteshi samaphoyisa saseTaylors Halt othi ikwampunzi edla emini njengoba amaphoyisa amaningi engawukhathalele umsebenzi wawo, ezenzela umathanda.

Amalunga omphakathi angathandanga ukudalulwa atshele i-Echo ukuthi ukubikwa kwamacala aqede angalandelelwa, kuyinsakavukela umchilo wesidwaba kulesi teshi. Ahaze lesi siteshi njengo ‘ masigcozi’ abantu abangasazihluphi nokubika amacala kusona, okunalokho sebekhetha ukuzibambela umthetho ngezandla.

Omunye wabantu abasanda kugqekezelwa kepha ongathandanga ukudalulwa ukhale ngokuhlukumezeka akatholile kulesi teshi njengoba egqekezelwe kathathu emzini wakhe ngesonto eledlule. Uthe emva kokuba kugqekezwe kwakhe uye kulesi teshi ukuyovula icala, watshelwa ukuthi abathatha amaqophelo eminwe (finger prints) bangaze bakwazi ukufika ngakusasa.

“Bafika ngakusasa kodwa ngenxa yokuthi lalinethe kakhulu ngayizolo bangitshela ukuthi amaqophelo eminwe ngeke besakwazi ukuwathola. Ngibe sengifuna umuntu ozongibuyiselela ifasitela. Ngalo lelo sonto kuphinde kwagqekezwa kwaphihlizwa lona ifasitela futhi.

“Ngifonele esiteshini, izingcingo zingangeni, ngaze ngagcina sengifonele umphenyi wecala othe akekho eMgungundlovu kodwa kuzofanele ngivule icala kabusha. Ngifonelwe ngisemsebenzini indodakazi yami ingitshela ukuthi kukhona umuntu embone eyaluza ngaphandle, ngizame ukufonela esiteshini izingcingo zingangeni.

Ngafonela abaku-10 111 abathe bazothumela amaphoyisa ekhaya. Ngize ngabuya mina emsebenzini amaphoyisa engakafiki, ngazama ukubheka umsolwa ngilekelelwa ilungu lomphakathi. Sihambise umsolwa esiteshini kodwa futhi wangagxivizwa ngisho izithupha.”

Leli lunga lo mphakathi lithi ngisho sekugqekezwe okwesithathu, amaphoyisa awakhombisanga ukuzwelana naye, okugcine ngokuthi umsolwa abuye asabise indodakazi yakhe athe ikwazile ukumkhomba.

“Sihleli nje sithuka izanya ngoba ngisho nomseshi wecala ubengasatholakali. Ngigcine sengibika udaba kophethe amaphoyisa uMajor General Lucas Ngobeni oxolisile ngalesi sigameko. Kuyilapho eqale khona ukusukuma amaphoyisa. Okungikhathaza kakhulu ukuthi maningi amalunga omphakathi angakutholi ukusizakala futhi angayazi imigudu okumele ayilandele ukuze asizakale,” eqhuba.

Amanye amalungu omphakathi aqhube ngokuthi okwenza lokhu ukuthi isikhathi esiningi amaphoyisa aqashwayo awendawo, okwenza ukuthi agcine ewuthatha kancane umsebenzi.

“Kwesinye isikhathi uke uthi uma uzobika icala bagcine bekwehlisa isithunzi. Umphakathi usukhethe ukungawabiki amacala ngoba vele awusizakali. Omunye umama uke wayobika ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka engaphansi kweminyaka engu-18 ithathwe omunye ujele. Esikhundleni sokuba bavule icala bathe akakhuze ingane yakhe. Kuningi nje abakwenzayo okukhombisa ukungawuhloniphi umsebenzi,” kusho leli lunga lo mphakathi.

Okhulumela amaphoyisa eKaputeni Musa Ntombela uthe babikelwe ngesigameko sakamuva sokugqekeza.

“Amaphoyisa aphenya icala lokugqekezwa. Into eyenza ukuthi amaphoyisa angatholakali ezingcingweni ukuthi kuke kwaba nenkinga yezingcingo esiteshini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.