Bafuna kuphenywe ngokulahleka kwamafayela eMbalenhle

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE: nokulunga ngobese

Umtholampilo waseMbalenhle osolwa ngokulahla amafayela eziguli.

ISITHOMBE: nokulunga ngobese Umtholampilo waseMbalenhle osolwa ngokulahla amafayela eziguli.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUQUBUKE izinsolo zokudayiswa kwamafayela eziguli esegunyazwe ukuthola imali yesibonelelo m sikahulumeni sokugula emtholampilo iMbalenhle ese-Unit 3 Imbali.

Lezi zinsolo zalo mkhonyovu zilandela ukulahleka kwamanye amafayela azo iziguli ezilanda imithi nyangazonke kulo mtholampilo.

Lezi ziguli ebeziwotha ubomvu zitshele iphephandaba i-Echo ukuthi ukulahleka kwamafayela azo kulo mtholampilo sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba.

Zithi okufike kube kubi ukuthi kulahleka amafayela alabo abahola impesheni yokugula noma eyokukhubazeka. Lezi ziguli zithi kumanje sezifuna kungenelele uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuze kuphenywe kabanzi ukuthi alahleka kanjani lamafayela.

Esinye seziguli esikhulume naleli phephandaba kepha esingathandanga ukudalulwa igama sithe ukulahleka kwefayela laso sekwenzeke kabili kulo mtholampilo, okokugcina udokotela ugcine esitshele ukuthi abasavumelekile ukuba babhale kabusha imininingwane.

Sikhuluma nephephandaba sithe: “Ngashaywa isifo sohlangothi eminyakeni emibili edlule. Kuthe ngokuhlolwa odokotela, kwatholakala ukuthi angeke ngiphinde ngikwazi ukusebenza. Udokotela owayephethe udaba lwami wangenzela incwadi engangizoyihambisa kaSouth African Social Security Agency (Sassa) ukuze ngihole impesheni yokugula.

“Encwadini angibhalela yona, kwakusho ukuthi sengiyohola impilo yami yonke. NgoNhlolanja (February) walo nyaka ngiyile esibhedlela ngiyolanda imithi ngangaba nankinga. Ngokuqala kukaNdasa (March), ngibuyele khona futhi njengenjwayelo okuyilapho ngifike khona kuthiwa ifayela lami lilahlekile.

“Kunalokho bekunefayela elinamagama ami elingenayo nemininingwane enomlando ngokugula kwami, nencwadi le yokuhola eyayibhalwe udokotela. Ngithe uma ngibuza, kwabhokwa ngolaka kubuzwa ukuthi ngizoyenzani.

“Uma ngibuyela kudokotela ukuthi akangibhalele kabusha incwadi yokuthi kumele ngihole ukuze ngingabi nenkinga, wangitshela ukuthi umthetho omusha awusavumi abhalwe kabusha amafayela njengoba kunobugebengu obuningi.

Ungitshele ukuthi sekuqhutshekwa kulokho okubhaliwe.”

Lesi siguli sithe akukhona okokuqala lesi sigameko njengoba nangaphambilini kwake kwenzeka. Esinye isiguli naso esingathandanga ukudalulwa sithe baningi nabanye abebelahlekelwa amafayela kepha benganaki, baze banaka ngoba sebebona ukuthi baningi abanye.

“Sisola ukuthi kukhona okushaya amanzi. Kungenzeka ukuthi kukhona ukusebenzisana nalabo bezimpesheni noma singazi bayicisha kanjani imininingwane kumafomu. Sikhuluma nje kunabantu abayinqwaba esibaziyo abahola impesheni yokugula kodwa bebe bengenalutho.

“Abanye baze basho ukuthi bazoyifuna kanjani imisebenzi, ikhona imali abazoyithola mahhala. Siyafisa ukuba umnyango ungenelele ngoba akuchazeki ukuthi angalahleka kanjani amafayela. Kwabanye ayalahleka amafayela, bese etholakala emva kwesikhathi esemfonyozekile, kungaziwa ukuthi abehlezi kuphi.

“Asifundisiwe impela ukuthi emitholampilo nasezibhedlela kusetshenzwa kanjani, kodwa sinesiqiniseko sokuthi kukhona okushaya amanzi,” kuphetha ilungu lomphakathi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uMnu Desmond Motha uthe: “Umtholampilo awukaze uthole izikhalazo mayelana nokulahleka kwamafayela eziguli. Kunezindlela esenza ngazo ukuqinisekisa ukuthi amafayela eziguli agcinwe ngendlela ephephile.

“Wonke amafayela anamagama nezinombolo zikamazisi weziguli, okwenzelwa ukuthi kungabibikho okusebenzisayo. Yize kunenkinga yokushoda kwendawo yokubeka lamafayela, umtholampilo usuqhamuke nendlela entsha ukuqinisekisa ukuthi amafayela aphephile, futhi atholwa iziguli kuphela nalabo abagunyazwe ukuwakhipha.

“Amafayela agcinwa iminyaka emihlanu, emva kwalokho bese eyalahlwa. Kunolunye uhlelo lokugcina amafayela ukwenzela ukuthi iziguli zingabi nenkinga uma ngabe amafayela azo esegcwele.

“Umtholampilo ulindele ukusebenzisa uhlelo olusha lobuchwepheshe, njengoba sekufakwe namakhompyutha. Uma kukhona iziguli ezikusola njengobugebengu, ziyakhuthazwa ukuba zibekele amaphoyisa kunombolo yawo yamahhala engu- 08600 10111.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.