Bakhala ngezinyokanyoka e-Cinderella

2015-06-11 06:01
ISITHOMBE:inqolobane ye-echo

Indawo yaseCinderella Park Village okukhalwa ngezinyokanyoka         ezidlangile kuyo.

ISITHOMBE:inqolobane ye-echo Indawo yaseCinderella Park Village okukhalwa ngezinyokanyoka ezidlangile kuyo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngokuhlaliswa lubhojozi yizinyokanyoka umphakathi wase-Cinderellla Park njengoba uthi alipheli isonto ungahambanga ugesi kule ndawo.

Laba bahlali abawotha ubomvu batshele iphephandaba i-Echo ukuthi inkinga yeminyaka yokuntshontshwa kukagesi kule ndawo isize yaba nomthelela nakulabo abawukhokhelayo, njengoba sekuphele isonto bengenawo.

Bathi kumanje ingu-14 imizi yakule ndawo engenawo ugesi kusukela ngesonto eledlule. Bathi yize le nkinga sekuphele iminyaka eyisithupha yaba khona, isiya ngokwanda njengoba sebebaningi nabahlala emijondolo abaphakelwa kuwona lo gesi. Bathi ukuntshontshwa kukagesi, kwenziwa ebusuku futhi kunabantu abazi kabanzi ngokuxhunywa kwawo njengoba uxhunywa esigxotsheni. Bathi abasazi ukuthi babike kuphi njengoba umasipala uMsunduzi sebewubikele kaningi kodwa ucishwa emini kuse usukhanya.

Ilungu lo mphakathi elikhulume naleli phandaba uMnu Thami Ngubane uthe: “Abanye bethu bayawukhokhela, okwenza kube buhlungu uma sekuzothinteka nathi. Isonto lonke asinawo ugesi futhi ngisho befikile abasebenzi bakagesi kamasipala bawucima namhlanje, ube usubuyile ngakusasa.Kule ndawo seziningi nezitolo zabokufika, ogcina uthola ukuthi baqashe endaweni eyodwa, ugesi bawuphakelwa endaweni eyodwa. Sesikhulume kaningi ngale nkinga okungangothi umasipala usuwenza uphenyo lwawo oluzimele, kodwa ugesi kuthina awukabuyi. Impilo inzima njengoba sizithola sikhokha mahhala.”

Elinye ilungu lo mphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe sebeze basola ukuthi kukhona abasebenzisana nabasebenzi bakamasipala njengoba lo gesi usuke uxhunywe ngobuchule.

“Sicela umasipala wenze uphenyo ngokuthi kwenzakalani ngempela. Lokhu sekuze kwenza nokuthi lingapheli isonto ugesi ungahambanga, kodwa kamuva nje sesiside isikhathi singenawo ugesi njengoba sekuphele isonto.

“Siyezwa ukuthi kunekomiti elisunguliwe elizobhekana nokuphenywa kokuntshontshwa kuka gesi, siyafisa ukuba umthetho uthathe indawo yawo.”

Ikhansela liward 34 uNkk Eunice Majola uthe: “Ngiyazi ngenkinga yokuntshontshwa kukagesi kule ndawo kodwa isikhathi esiningi iwona amalungu omphakathi axhumisa abantu ngokungemthetho.

“Esikutholile ukuthi kunomuzi othile oqashisile lapho iziqashi zakhona kuyizona ezenza lo mkhuba wokuxhumisa abantu ugesi, bese kulimala laba abawukhokhelayo.

“Isimo sike saba sibi ngempelasonto ngenkathi abaqashi befuna ukulwisa amalungu omphakathi ababikile kumasipala.

Abasebenzi bakamasipala bathunyelwe kule ndawo ngoMsombuluko , bafike bacisha lo gesi ofakwe ngokungemthetho kanti manje bamatasa ukuze kulungiswe ugesi walabo abathintekile.”

Okhulumela umasipala Msunduzi uNksz Nqobile Madonda uthe: “Siyazi ngalezi zigameko futhi okuyingqinamba kakhulu ukuthi ugesi wokuzenzela lo. Akukho la esingathi silungisa khona. Uphiko olusebenza ngogesi ngaphansi kwamasipala luzoqhubeka nokucima lapho ugesi ungafakiwe ngokusemthethweni

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.