Baqwashiswe ngocansi olungaphephile abafundi basemakolishi

2015-05-21 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWWE

UNgqongqoshe woMnyango weZempilo uDkt. Sibongiseni Dhlomo uqwashise bafundi be FET mayelana nocansi olungaphephile kumkhankaso iDual Prorection. Lo mkhankaso ubhekene ngqo nabafundi bezikhungo zama FET.

ISITHOMBE:SITHUNYELWWE UNgqongqoshe woMnyango weZempilo uDkt. Sibongiseni Dhlomo uqwashise bafundi be FET mayelana nocansi olungaphephile kumkhankaso iDual Prorection. Lo mkhankaso ubhekene ngqo nabafundi bezikhungo zama FET.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAZOQWASHISWA ngokubaluleka kokuzivikela uma beya ocansini abafundi bezikhungo zemfundo ephezulu ezingamaTertiary Vocational Education and Training (TVET) colleges.

Lo mkhankaso obizwa nge “Dual Protection” uqalwe uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngaphansi kukaNgqongqoshe uDkt Sibongiseni Dhlomo ukuqwashisha abafundi ngendlela okumele bazivikele ngayo uma beya ocansini.

Ungqongqoshe wethule lo mkhankaso ngoLwesine olwedlule eMgungundlovu FET edolobheni lapho eluleke khona abafundi waphinda wathumela nomyalezo kubazali wokuthi kunezinto okumele bazamukele ngentsha esikhulile futhi eseyenza ucansi.

Ekhuluma ngalo mkhankaso obuvuluwa ngokusemthethweni uthe: “ I-Dual Protection ikhuthaza abafundi ukuthi baqinisekise ukuthi bayazivikela uma beya ocansini. Ukuzivikela kwabo akugcini nje ngokuzivikela ezifweni ezithathelanayo zocansi kuphela kodwa sihlose ukuthi intsha lena izivikele nasekukhulelweni okungahlosiwe,” kuchaza uDhlomo.

Uqhube wathi imbangela eyenza ukuthi kuhambelwe lolu hlobo lwezikole ingoba imiphumela eqoqwayo (statistics) iyakuveza ukuthi kuleli zwe lase Ningizimu Africa ngonyaka kuba nesibalo sezingane eziyisigidi ezizalwayo. Uthe le miphumela eqoqwayo iphinda iveze ukuthi abantu okuyibona abakhulelwayo yintsha.

“Kuye kuthi uma labo mama abancane sebethole izingane baqale balahlakelwe umnyombo wempilo kanti futhi amazinga okuthi bathole izifo zocansi ezithathelanayo noma babulawe izifo ezihlangene nokukhulelwa asuke ephezulu.

“Njengoba sazi-ke ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal sibhekene nenkinga yezinga eliphezulu lesifo sesandulela ngculazi kanye nengculazi sibone kukuhle ukuthi senze lo mkhankaso ukuze sibe nesizwe esikhululekile kulesi sifo.

“Lo mkhankaso uyingxenye yokuzama ukuvimba ukubhebhetheka kwesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayo. Lokho sikwenza ngokuthi sibe nemizamo eminingi ukunqanda ukwanda kwegciwane nezifo,” kusho uDhlomo.

Uphinde wadonsa ngendlebe abafundi ukuthi badlalele kude nodokotela mbumbulu abaye babayenge bathi bazobasiza bahushule izisu ngokushesha. UDhlomo uthe kuye kube nzima ukuhlenga impilo yomuntu wesifazane osuke eseqale kulabo dokotela.

Ubuye wanxusa abazali ukuthi kumele kube yinto abayaziyo ukuthi abantwana babo bayazimbandakanya nokwenza ucansi.

“Abazali kumele bazi futhi izingane zabo ziyalwenza nocansi olungaphephile. Lokhu kufakazelwa ukuthi bayakhulelwa kanti ngesikhathi benza ucansi olungaphephile batheleleka ngegciwane lesandulela ngculazi. Kumele sifunde ukukhuluma ngalezi zinto emiphakathini yethu.

“Kanti-ke nani bafundi nenza ucansi amehlo asuke evulekile nomqondo futhi wazi ukuthi kwenziwani. Into efika yenzeke niye nivumelane nophathina wakho, nithole indawo lapho ningalwenza khona ucansi, nikhumule bese nenza ucansi.

“Ngeke lokho nikubize ngephutha. Ngalo mkhankaso sihlose ukuthi nithi lapho nithola iziqu nibe niphilile futhi niphephile ukuze nikwazi ukuya emakhaya ukuyosebenzela imindeni yenu,” kubeka uDhlomo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.