Basola uthishanhloko ngokuqasha obhululu eNtokozweni

2015-05-21 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

INtokozweni Special School iqhubekile nohlelo lwenhlolokhono yize kube nezihibe umphakathi uveza ukungenami mayelana nendlela uthishanhloko abathi uqasha ngayo.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE INtokozweni Special School iqhubekile nohlelo lwenhlolokhono yize kube nezihibe umphakathi uveza ukungenami mayelana nendlela uthishanhloko abathi uqasha ngayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LUQHUBEKILE yize kube nezihibe uhlelo lwenhlolokhono yokuqashwa kwalowo ozosiza (general assistant) esikoleni eNtokozweni Special school eVulindlela. Iqulu lamalungu omphakathi aqhinqe ngaphandle kwalesi sikole abethi afuna lumiswe ngoMsombuluko.

Lama lungu omphakathi asola uthishanhloko uNkk Sthembile Zungu ngokuqasha izihlobo zakhe, nezihlobo zabangani nobhululu bakhe. Lezi zinsolo zivezwe amanye amalungu omphakathi abengaphandle kwesango lalesi sikole ngenkathi kuqhubeka le nhlolo khono.

Okunye okuvezwe amalungu omphakathi angathandanga kudalulwe amagama awo wukuthi ngaphakathi esikoleni kugcwele izihlobo zikathishanhloko okungabantu abangebona abaseVulindlela.

Lo mphakathi uthi usukhathele ukubona abantu okungebona abasendaweni yaseVulindlela bezicanasela kulesi sikole. Bakhala ngokuthi bona abaqashwa yize nabo bengakwazi ukusebenza.

Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi lo mkhuba uZungu wawuqala eseyisekela likathishanhloko.

Leli lungu liqhube lathi ngokwazi kwalo ezinye izikhangiso zemisebenzi ezisuke ziphumile kusuke kudingekaabantu abasuke kungabantu basendaweni.

“Yingakho-ke nje kuye kufike umuntu ezosebenza, afike aqambe amanga athi ungowaseVulindlela. Lokhu-ke kusuke kungelona iqiniso ngoba siye sibone uma umuntu esehamba egibela itekisi eliya edolobheni.

“Sigcina futhi sazi ukuthi loyo muntu uyisihlobo sakhe uthishanhloko. Kuyimanje nje kunomuntu wasendaweni yaseMsinga osebenza kulesi sikole. Omunye okhona uhlala eNaperville naye usebenza lana futhi uyisihlobo sikathishanhloko.

“Sikhona siwumphakathi wakule ndawo singakwazi ukuthi nathi sisebenze senze lowo msebenzi osuke ukhangisiwe . Zikhona izakhamuzi ezingakwazi ukusiza ngokuhlanza noma ziphekele isikole.

“Kungani kuze kuthathwa abantu bangaphandle futhi abayizihlobo,” kuzikhalela lesi sakhamuzi.

Lo mphakathi obucula ngaphandle kwamasango alesi sikole uphinde wabonana nomhloli wesekethe i-Edendale uMnu Sandile Zondi.

Ekhuluma nawo lama lungu uZondi uthe umnyango ngeke uze wayeka ukuqhubeka nohlelo lokuqasha ngenxa yezinsolo ezingenabufakazi. Ube esetshela lo mphakathi ukuthi ziyezwakala izikhalo zawo wabe futhi esewucacisela ukuthi uhlelo lokuqasha ludlula ezigabeni eziningi zoMnyango wezeMfundo ngaphambi kokuba kuqashwe.

Uthe: “Kumele kube nento eyisiqiniseko newubufakazi ezoveza ukuthi izinsolo enizishoyo ziyiqiniso. UMnyango awukwazi ukuvele umise ukuqhutshwa komsebenzi ngenxa yezinsolo,” esho uZondi.

Ethintwa ngalolu daba uZungu uthe luqhubekile uhlelo ngoMsombuluko lwenhlolokhono. Walile ukuphawula mayelana nezinsolo zokuqasha izihlobo nobhululu bakhe.

“Uhlelo lokuqasha luhambe kahle kakhulu kodwa ngeke ngize ngikwazi ukuphawula mayelana nokunye,”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.