Bayifuna iye kungqongqoshe eyaseVezo

2015-09-17 06:00

SEBEFUNA kungenelele umnyango kazwelonke abazali babantwana abafunda esikoleni samabanga aphansi iVezokuhle eMpumuza kulandela abathi uhide lwezinkinga ezikhungethe lesi sikole.

Lesi sikole sesibe undabizekwayo nangokusolwa ngomkhonyovu okuyinto esukumise i-South African National Civic Organisation (Sanco) ukuba iyokubika lokhu kwiSishayamthetho emasontweni amabili edlule. Izinkinga ezibhekene nalesi sikole izinga lokuhudula izinyawo kothisa njengoba kuke kwabikwa ukuthi abantwana besikole baqala ukufunda ngehora lesishagalolunye noma ligamenxe.

Yize beqala ngaleso sikhathi ukufunda kodwa baphuma kuqala kunazo zonke izikole, lokho nakho okukhathaza abazali, ngokusho komunye wabazali. Okunye okuvelile ukusolwa kwesikole ukuthi sinothishomkhulu ababili kanti omunye owesibili ubizwa “ ngesipoki sikathishomkhulu” njengoba engakaze alubhade esikoleni. Uthishomkhulu okhona njengamanje yena uyibamba likathishanhloko.

Okhulumela i-Sanco uMnu Dumisani Mthalane uthe emhlanganweni wabazali obukhona ngesonto abazali bazisiwe mayelana nalezi zinkinga..

“Ziningi izinkinga ezikhungethe isikole iVezokuhle ezidinga ukuxazululwa. Kunendaba yokuthi isikole sinaye umuntu osiza ukuhlanza isikole kodwa lokho akakwenzi. Isikole singcolile asikhombisi ukuthi ukhona umuntu omele ukwenza lokho. Okunye yindaba kagesi okubikwa ukuthi uxhunywe ngokungekho emthethweni khona esikoleni yize kodwa ugesi ube ukhokhelwa.

“Sibe ke sisekhetha amavolontiya amahlanu okuyiwona ozokwazi ukomela abazali nabebhodi lesikole (SGB) abazohlangana nothishomkhulu nothisha bese udaba ludluliselwe kungqongqoshe wezemfundo.

“Sibona kukuhle ukuthi udaba lufike kungqongqoshe,” kusho uMthalane.

Uthe ISanco Izimisele ukuthi Ilwisane nenkohlakalo ezikoleni eKZN.

“Lokhu hhayi ngoba sizokwenza sigcine esikoleni iVezokuhle kodwa sizolwisana nobugebengu ezikoleni zonke zakulesi sifundazwe. Sibona nenyunyana iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) ihudula izinyawo ekulweni nale nkohlakalo kodwa sibona nayo kungathi iyakujabulela lokho. Ukwenza nje umzekelo kunothishanhloko wesikole samabanga aphansi Ivilla Maria eMaqonqo osanda kubulawa ngesihluku. Yizo zoke izinto lezi okumele zibhekwe ezikoleni,” kubeka uMthalane.

Usekela nobhala (Sadtu) eKZN uMnu Bheki Shandu uthe i-Sanco kuzomele isebenzisane nabo ekuxazululeni izinkinga ezikoleni wathi kodwa lokho kuzomele ikwenze uma isiqonda kahle imigomo i-Sadtu esebenza ngayo. Uthe akukho nkohlakalo ngokuthi osuke ewuthishanhloko aphinde asebenzele inyunyana.

“Lokho kusuke kuyisivumelwane somnyango nekomkhulu ePitoli, kusuke kungelona ichilo noma kunenkohlakalo”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.