Bazobe beshiyelana inkundla kowomasikandi

2015-09-17 06:00
ISIHTOMBE:SITHUNYELWE

Umculi kamasikandi uThokozani Langa uzobe engomunye ozobe enandisa enkundleni                   yezemidlalo i-Moses Mabhida kwindumezulu yo mcimbi womasikandi

ISIHTOMBE:SITHUNYELWE Umculi kamasikandi uThokozani Langa uzobe engomunye ozobe enandisa enkundleni yezemidlalo i-Moses Mabhida kwindumezulu yo mcimbi womasikandi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAZOBE besina bededelana abaculi bomasikandi ngoMfumfu (Okthoba) enkundleni yezemidlalo i-Moses Mabhida eThekwini.

Lokhu kuzokwenzeka emva kokuba sekujikelezwe amahositela ezindaweni eziningi khonalapha e-KZN, lapho amaqembu amasikandi esuke edlana imilala eqhudelana ukuze athole ithuba lokuba nawo anandise kulo mcimbi omkhulukazi.

Ngokusho kukaMnu Sabelo Shabalala ongumhleli wawo lo mcimbi ozoba ziyi-10 kuMfumfu, leli khonsathi lenzeka minyaka yonke kanti futhi kuzobe sekuyisiwombe seshumi (10) lo mcimbi wenzeka kulo nyaka.

Okunye okuzohlaba umxhwele izibukeli nabathandi bomculo kamasikandi ukubona okukuqala iqembu la Mageza Amahle lizobe inandisa okukuqala ngaphandle kuka Mtshengiseni Gcwensa owaziwa ngele Ndidane. Leli qembu lizobe liholwa uPotso Ngobese obengumculi obelekelela kulo leli qembu ngesikhathi Indidane isadla anhlamvana.

Kuzokhumbuleka ukuthi Indidane idlule emhlabeni esibhedlela saseDundee ngenyanga kaNtulikazi emva kokubangwa nezibi isikhathi eside. Ufihlwe ekhaya lapho engumnsinsi wokuzimilela khona eMsinga.

Eqhuba uShabalala uthe okuye kwenzeke, bahambela amahositela wonke lapho kuba khona amaqembu aqhudelanayo.

“Amaqembu ayaqhudelana kuze kufike esigabeni lapho kusala amaqembu amathutha kuphela. La maqembu amathathu aye athole ithuba lokukwazi ukuthi nawo abe ngamanye amaqembu azonandisa kule ndumezulu yomcimbi,” kusho yena.

Oyimenenja yeqembu la Mageza uMnu Alpha Nxumalo uthe uyakuqinisekisa ukuthi leli qembu libuye ngezinkani kanti futhi wathi osezolihola leli qembu le-Ndidane nguye uNgobese.

“Amageza azophinde akhiphe icwecwe lawo ngo Zibandlela,” kusho uNxumalo.

Abaculi abazobe benandisa kule khosathi uShwi NoMtekhala, Khuzani Mpungose, Mj ikijelwa, Ichwane Lebhaca, Imfezemnyama, AmaSAP, Qhoshangokwenzakwakhe, Ngelo V, Osaziwayo, Thokozani Langa, Buselaphi, Umajotha, Igcokama Elisha, Mathelente, Sgwebo Sentambo, Ithwasa Lekhansela.

Abasakazi abazobe bephethe uhlelo futhi beyingxenye yalo mcimbi, abasakazi boKhozi FM oNgizwe “ Zulu Charmer” Mchunu noBheka Mchunu nomsakazi we Zululand FM uNonhlanhla “ Mdonso” Ngcobo.

Amathikithi ayatholakala e-Computicket naseShoprite/ Checkers ngo-R100 ngalinye

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.