Bazothola uqeqesho abasebenzi bamatekisi

2015-08-06 06:01
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

Laba abanye ouyimanje baqalile ukuqeqeshwa ukuze bazokwazi ukucija abasebenzi bemboni yamatekisi ngamakhono nangendlela okumele baphathe ngayo umsebenzi.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Laba abanye ouyimanje baqalile ukuqeqeshwa ukuze bazokwazi ukucija abasebenzi bemboni yamatekisi ngamakhono nangendlela okumele baphathe ngayo umsebenzi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BONKE abasebenzi abangaphansi kwemboni yamathekisi bazothola uqeqesho oluzokwazi ukubacija mayelana nezinto eziningi eziphathelene nomsebenzi wamatekisi ngenhloso yokubathuthukisa.

Lokhu kuvezwe UMnu Jeffrey Ngobese obhekelene noqeqesho KwaZulu-Natal. UNgobese uphinde wathi lolu qeqesho kumanje oseluqalile njengoba selunamasonto amabili lusabheke ekuqeqesheni labo okuyibona abazoqeqesha abasebenzi bamatekisi.

Ngalokhu uthe ukuqeqeshwa kuzohlanganisa bonke abasebenzi kusukela kubashayeli, abanini bamatekisi, abasizi babashayeli kanye nabobonke nje abakulo mkhakha wokusebenza.

Echaza ngalolu hlelo uthe njengeSouth African National Taxi Council (Santaco) babone kukuhle ukuthi nabo baziqalele esabo isikhungo (academy) lapho bezokhiqiza khona ababo abaqeqeshi okuyibona abazoqeqesha ozakwabo.

Laba baqeqeshi bakhethwe ezifundeni ezingu-32 zika Santaco lapho kugcine kukhethwe abavelele nokuyibona ke abazoqeqesha abasebenzi.

“Lokhu sikwenza ngoba sifuna ukuthi imboni yamatekisi ithuthuke futhi ingahlale ithathwa njengemboni lapho kungenampatho khona. Sizoqeqesha abashayeli nabo bonke abanye abayingxenye ukubacija ukuze bakwazi ukuphatha umsebenzi.

Ukuqeqeshwa kwabo kuzokuba sezintweni eziningi ezahlukene, kodwa eziqondene nomsebenzi. Kumanje uqeqesho seluqalile luyenzeka eThekwini kanti ngesonto elizayo lokhu kuzobe sekwenzeka naseMgungundlovu. Sibhekene nezingqinamba eziningi nezinselelo kanti lokhu sifuna ukubhekana kahle nakho ngqo sesinethimba lethu labasebenzi eliqeqeshiwe futhi elaziyo ngomsebenzi,” kusho uNgobese.

Uthe lokhu bathe abakuthathele phezulu ngoba ngaphambilini yize bekwenzeka kodwa bekungabi yinto ephumelelayo.

“Into ebiyenzeka ukuthi bekuye kube noqeqesho obeluye lwenziwe kodwa lungenziwa uSantaco kodwa kwenziwe inkampani okuyiyo ephakela ngezidingo (service provider).

“Bekuye kungabi into lena esingafisa ukuthi thina njengemboni yamatekisi kube yiyona. Njengamanje-ke sesithe akesizibambele thina ngokwethu sizikhethele thina abantu esizobaqeqesha sibanikeza lolu lwazi thina esifisa ukuthi balunikeze abasebenzi bale mboni.

“Kuzothi-ke uma sebeqeqeshiwe abazoqeqesha bese luyaqala uqeqesho lwabasebenzi lubacijela umsebenzi,” eqhuba uNgobese.

“Lolu qeqesho luphinde lube nemigomo yebhizini ezobe yona isihlomulisa abanikazi bomsebenzi wamatekisi ngolwazi lokunakekela ibhizinisi ukuthi ligcinwa kanjani nokulikhulisa ngokunjalo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.