IBafana Bafana ibhekene nohide lwemidlalo

2015-09-03 06:00
PHOTO:gallo images 

Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba ubingelela abalandela          lapho efika esikhumbulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport.

PHOTO:gallo images Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba ubingelela abalandela lapho efika esikhumbulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBAFANA Bafana izothwala kanzima kulezi nyanga ezizayo ngendlela imidlalo ehlelwe ngayo. Kuzobaluleka ukuthi umqeqeshi waleli qembu u-Ephrain “Shakes” Mashaba kanye nenhlangano ayisebenzelayo iSafa baqiniseke ukuthi iqembu likhulu, nabadlali abangasetshenziswa baningi futhi bayatholakala.

Uhla lwemidlalo ezodlalwa yiBafana Bafana lutshengisa nokuthi bazophoqeleka badlale kabili enyangeni kuze kuyophela lonyaka esikuwona. Kanti ngo-October iyona ezoba bhizi noma ezoxaka kakhulu nalapho bayophoqeleka ukudlala imidlalo emine.

Kahle-hle isiyonke imidlalo iyisishiyagalombili esikhathini esiyinyanga ezintathu.

Noma kukekwaba sengathi leli qembu like laba nekhefu elijana, lezi zinyanga ezizayo nemidlalo zizoba yinselelo enkulu.

Owokuqala umdlalo obalulekile iBafana Bafana ezoqala ngawo izobheka neMauritania emqhudelwaneni wekwiCAF Orange Africa Cup of Nations 2017 ekuhambeni ngalo Mgqibelo esiya kuwona ( 5 September).

Emva kwezinsukwana ezimbalwa nje bedlalile, ngoLwesibili wangoSeptember 8 bazobuya bazodlala eSoweto emdlalweni okulindeleke ukuthi ube nzima womqhudelwano we-2015 Nelson Mandela Challenge edlalwa minyaka yonke. Lo mdlalo wokuhlophina lengwazi yaseMzansi eyaba nguMongameli wokuqala weNingizimu Afrika ekhululekile uNelson Mandela, uzodlalelwa e-Orlando Stadium ngo-7 kusihlwa.

Ngokuhlelo lwemidlalo elumenyezelwe uSafa ngasekupheleni kwesonto eledlule, uMzansi uyobuye udlale neCosta Rica eCentral America okuwumdlalo wesihle ngo-8 October ozoba usedolobheni laseCosta Rica eLiberia.

Kanti iqembu laseMzansi, iBafana Bafana phela angeke ibuye ngoba iyoqhubeka ihlale eCentral America ukuze ibhekise amabombo eSan Pedro, Sula lapho iyobhekana ne

Honduras ngo-13 October. Kanti iSafa isazomemezela izikhathi imidlalo eyoqala ngaso kanye nezinkundla.

Kanti ekubuyeni kwayo iBafana Bafana iyobheka ne-Angola kweminye yemidlalo yayo ezobe iza ngokulekana.

Lo mdlalo uzobe ongowokuhlungela i-2016 Chan, uzobe ungo-17 October enkundleni esazomenyezelwa kodwa lo mdlalo uyoqala ngo-3 ntambama. Umlenze wesibili walo mdlalo phakathi kwalamazwe womabili ezinkundleni zase-Estádio Nacional 11 de Novembro (11th November National Stadium) eLuanda.

Kanti ngo-13 November uchungechunge phakathi kwala mazwe luyoqhubeka futhi lapho eyohlangana khona emdlalweni wokuhlungela iFifa 2018 Russia World Cup ezinkundleni zase

Estadio Nacional de Ombaka (Ombaka National Stadium) eBenguela- Angola. Kanti umlenze wesibili walo mdlalo uyoba ngo-17 November ngo-7 kusihlwa eMoses Mabhida Stadium kwelikabhanana, eThekwini phela.

Kanti uMashaba yena uthi akesabi lutho futhi uyaziqhenya ngezwe laseMzansi futhi uyabathemba abadlali bakhe, kodwa zonke izinhlaka zebhola njengeSafa nePSL kanye namaqembu kofanele zibambisane.

“Angithukile mina, vele ibhola lomhlaba nase-Africa liba nje. Mhlawumbe into ezosisiza ukubambisana kwawowonke umuntu osebholeni laseMzansi. Sinabadlali abesemgathweni futhi abakhaliphile nabalukhali. Sizimisele ukuyibamba ishisa ukuze siqhubekele phambili siphumelele,” kusho uMashaba.

*Kanti uhla lwemidlalo isiyonke yeBafana Bafana imi kanje.

September

Saturday, 5th vs Mauritania 2017 Afcon qualifier (A)

Tuesday, 8th vs TBC 2015 Nelson Mandela Challenge (Orlando)

October

Thursday, 8th vs Costa Rica International Friendly (A)

Tuesday, 13th vs Honduras International Friendly (A)

Saturday, 17th vs Angola 2016 Chan (TBC)

Saturday, 24th vs Angola 2016 Chan (A)

November

Friday, 13th vs Angola Fifa 2018 Russia World Cup qualifiers (A)

Tuesday, 17th vs Angola Fifa 2018 Russia World Cup qualifiers (Durban)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.