Ibhodloze umuzi imoto kuThwala

2015-07-23 06:01
ISITHOMBE:nompendulo ngubane

Umuzi wase Mbali Unit 3 lapho kungene khona imoto ephaphalaze kumgwaqo uThwala ongapheli ukwakhiwa.

ISITHOMBE:nompendulo ngubane Umuzi wase Mbali Unit 3 lapho kungene khona imoto ephaphalaze kumgwaqo uThwala ongapheli ukwakhiwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZIYAQHUBEKA nokwanda izinkinga kumgwaqo uThwala eMbali Unit 3 njengoba ngoLwesibili ekuseni kuphaphalaze imoto yaphuma emgwaqeni yayolimaza imizi emibili.

Imizi ethintekile kule ngozi kube umuzi wakwaVilakazi nomuzi wakwaMkhize. Omunye wemizi uye waqhuma udonga wafa nesango. Nasemgwaqeni imoto ishaye amatshe yawaphosa le kude lokho okwenze kubelula ukuthi iphume iyoshaya ilimaze le mizi.

Ngesikhathi iphephandaba i-Echo lifika endaweni yesehlakalo lifice omakhelwane bemile besamangazwe okwenzekile.

Akekho owakhona kuyo yomibili imizi otholakalile ukuphawula ngaphandle komakhelwane nababonile kwenzeka isehlakalo.

Ezinye zezinkulumo abebevungama ngazo ezixongololweni ebebezimile omakhelwane ukunganami mayelana nomgwaqo osekuthathe isikhathi eside kunalesi esabe sibekiwe ukuthi wakhiwa.

Omunye womakhelwane obonile ingozi yenzeka kodwa ocele ukuthi igama lakhe lingavezwa uthe lokhu kwenzeke ekuseni lapho abantu bephuma bonke belibangise emsebenzini.

Uthe kuqhamuke imoto yohlobo lwePolo nokukholakala ukuthi ihlulwe ukujika njengoba umgwaqo ungakhonkiwe nje.

Uthe le moto uyibone iqhamuka ngaphezulu yehla ngesivinini nokuthe uma ifika yavele yaphaphalaza yahlulwa ukujika.

“Ngenxa yokuhluleka ukujika le moto ivele yaphaphalaza yashaya amatshe abesemgwaqeni. Kuthe ingaqeda ukwenza njalo yaphaphalaza yayoshaya isango nodonga lweminye yemizi. Kulapho sikwazi ukubona ukuthi umuntu obeshayela umhlengikazi wesifazane naye olimalile kulesi sigameko ngoba kumanje uphuthunyiswe esibhedlela. Yena ulimalile ngoba uze wasizwa abantu abakhiphe imoto ngoba ingene yashaya isango yalimaza nodonga,” kusho lo makhelwane.

Omunye futhi umakhelwane, obekhona endaweni yesehlakalo, uthe into edala izingozi ukwakhiwa komgwaqo okungapheli futhi nokuthi azikho izimpawu ezikhombisa ukuthi abantu behlise ijubane ngenxa yokwakhiwa okuqhubekayo.

“Abantu baqhamuka beza ngesikhulu isivinini lokho okudala ukuthi bangaboni ukuthi kunejika nokuthi umgwaqo uyehlela. Abaqede ukwakha lo mgwaqo ngoba kwenzeke le ngozi nje emasontweni amane adlule bekukhona ezinye lapho kuphaphalaze khona izimoto.

Okubi kakhulu ukuthi akukho esitshelwa khona njengomphakathi. Sibona kuthule nje asazi noma umgwaqo usaqhubeka ukwakhiwa noma sekumile konke,” kusho lesi sakhamuzi.Lo msebenzi wokwakhiwa komgwaqo bekufanele uphele ngoNdasa kwabuye kwathiwa uzophela uNhlangulana kodwa awukapheli nabasebenzi abasenzi emsebenzini.

Ikhansela lika-wadi 22 uMnuz Pat Jaca uthe lesi sehlakalo uyazi ngaso futhi wakubeka kwacaca ukuthi into edala lokhu ukwakhiwa kwalo mgwaqo ongapheli.

“Abantu bahluphekile ngempela kanti futhi ngiyabavumela uma bethi into edala lokhu umgwaqo ongaphelile.

“Ngiyazwelana nomphakathi kanti futhi ngiyahambisana nabakushoyo,” esho uJaca

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.