Ikomidi elisha lemisakazo yomphakathi eKZN

2015-05-07 06:00

AQALE ukusebenza ngenyanga edlule amalungu ekomiti elisha elikhethelwe ukwengamela izindaba zemisakakazo yemiphakathi KwaZulu Natal. La malungu ayisikhombisa akhethwe yi-National Community Radio Forum-KwaZulu Natal, (NCRF-KZN) eyaziwa ngeKZN Community Radio hub.

Ukukhethwa kwala malungu kungukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokwengamela indlela imisikazo yemiphakathi esebenza noma ephathwa ngayo uyaqhubeka futhi uba sezingeni eliphezulu kanti lokho kwenzeke ngendlela egculisayo nengakhethi bala lamuntu, kusho unobhala walo leli komiti uMnu Muzi Sibiya.

USibiya ungumphathi wesiteshi somphakathi sakhona kuleli dolobha UMgungundlovu FM.

Utshele i-Echo ukuthi i-NCRF-KZN izokuqinisekisa ukuthi ikomiti leli lisebenza ngendlela futhi lithatha izinga lale misakazo liyibeke eqophelweni eliphezulu.

“Lokhu kuzokwenzeka ngaphandle kokuthi kube khona ukukhetha ngokobuzwe, ubulili noma ngokwezindawo. Ikomiti leli linamalungu abesilisa ayisihlanu kanti amalungu esifazane wona mabili.

“Leli komiti liphinde lidlulise ukubonga kwikomiti ebekuyilo ebelibambe izintambo ngaphambilini. Kuyancomeka konke abakwenzile futhi bekwenze ngendlela efanele neqondile.

“Sincoma ukusebenza kwabo ukukhulisa umnyango wezemisakazo esifundazweni sethu.

“Okunye okugqamile abakwenzile wukuqhamuka nemiqingo yendlela yokusebenza esigabeni semisakazo yemiphakathi nomgqingo oqukethe indlela okuhlelwe ngayo ukusebenza,” kusho uSibiya.

Usihlalo wekomidi uMnu Simon Ntsele ubonge imiphakathi ngokubeseka njengemisakazo yemiphakathi wathi: “Asiphinde sibonge kakhulu imiphakathi esiyisakazelayo ngokuseseka nokuselekelela kulo msebenzi.

“Likhulu iqhaza elibanjwa imiphakathi ngendlela yokuthi size siyithole isiyakhe imifelandawonye ebizwa ngezinhlangano zabalaleli ngenhloso yokulekelelana ngezinto ezakhayo empilweni.

“Asithembele kakhulu futhi emiphakathini yakithi ukusinikeza ingqikithi (content) yezinhlelo esizisakazayo. Yingakho nathi sizishaya izifuba ukuthi silekelela kakhulu ekubumbeni isizwe, ikakhulukazi iKwaZulu-Natal,” kubeka uNtsele.

malungu akhethiweekomidi yilawa:

•Usihlalo uMnu Simon Ntsele (umphathi weMaputaland FM )

•Isekela kilanobhala uMnu Nhlanhla Mtshali (usekela sihlalo weNewcastle FM)

•Unobhala uMnu Muzi Sibiya (Umphathi wo-UMgungundlovu FM)

•Isekela likanobhala uMnu Simphiwe Makhamba (umphathi we-ITheku FM)

•Umphathi-sikhwama uMnu Thulani Zulu (umphathi weShine FM)

•Ilungu le-executive committe uNksz Nonhlanhla Ndlovu (umphathi weNqubeko FM )

•Ilungu le-executive committe uNksz Michele Coetzee (Umphathi weGoodNews FM) (pic will follow)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.