Imfundo idinga ingane, uthisha nomzali

2015-09-24 06:00

MHLELI: Ngicabanga ukuthi singabazali kasifundisekile kahle ngokubaluleka kokuhambela imihlangano yabazali ezikoleni. Sekushiwo kaningi ukuthi imfundo ukuze iphumelele idinga ingane, uthisha kanye nomzali.

Kuphatha kabuhlungu-ke ukuthi kube nabazali abadinga ukunxenxwa ukuba baye emihlanganweni. Abazali abaningi babaleka kakhulu uma kuzokuba nokhetho.

Kudinga ukuthi uma singabazali inhlonipho siyibeke phambili emhlanganweni, ubunsizwa, nobuqhikiza kuhle sikushiye ngaphandle kwamasango esikole. Sibahloniphe abantu esabakhetha ukuba basimele, ukubahhahhameza akusoze kwaba isixazululo. Uma ufuna ukubeka umbono phakamisa isandla ukhonjwe bese uyaphawula. Uma singasahloniphi kuba sobala kubasebenzi bezikole ukuthi lobu qaba obenziwa iningi lezingane zethu ezikoleni zisuka nabo emizini yethu. Angeke ufundise inhlonipho kwawena wehluleka ukuhlonipha nokubekezela emhlanganweni.

Izigungu zezikole kaziholi, kazinikezwa mali yokugibela uma ziza emihlanganweni yabazali, zihlangana kaningi zona ngonyaka, ziba nomhlangano kuqala kunomhlangano wabazali ukuze zihlele ukuthi kuzokhulunywa ngani, bahambela imihlangano ebizwa umnyango. Eminingi yalelyo mihlangano ayinakudla futhi ayigaqali ngesikhathi.

Kunzima kunjalo kodwa bayabekezela basimele. Kuphatha kabi-ke ukuthi kulobo bunzima ababhekana nabo bese thina singababekezeleli. Kubalulekile ukuthi sihloniphe emhlanganweni ngoba kusuke kukhona nezingane zethu, ezizokubona esikwenzayo bese zona zikwenza kakhulu singasekho sezidudene, zikwenza kothisha. Esikwenzayo akube okuzosiza izikole zethu ziqhubekele phambili, phatheka kabi mzali uma kukhona okhuluma kabi ngesikole owakhelene naso. Singabazali sithi phansi nokubukela phansi izikole zethu. Asibambisane nawothisha kanye namalungu asimele ezikoleni. Bafundi thandani imfundo, ikusasa lenu leli. Ukuphikisana nothisha kuzokwenza isikhokho sosuku kodwa esiyoba umphuphe waphakade. Lesi hlava sezidakamizwa singasinqoba uma siwumphakathi, singabazali singabambisana sibikele amaphoyisa ukuthi zisuka kuphi. Sikugweme ukuza emihlanganweni ngenhloso yokuzophazamisa. Siyabonga kothisha nabasebenzi bezikole abasebenza kokuzinikela. Sibonge kumalunga ezigungu zezikole, sithi enikwenzayo nikwenzela thina siyanithanda.

bongani mzo ngubane

e-Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.