Ishaywa indiva eyendle eMgodini

2015-06-18 06:01
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Ngesonto eledlule abasebenzisi berenki baveze ukuthi sekuphele amasonto amathathu bebhekene nesimo sokunukelwa baphinde babone indle igcwele phansi kulerenki EMgodini.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Ngesonto eledlule abasebenzisi berenki baveze ukuthi sekuphele amasonto amathathu bebhekene nesimo sokunukelwa baphinde babone indle igcwele phansi kulerenki EMgodini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

YIZE umasipala uMsunduzi uthembise ukuthi uzobhekana nesimo sokulungisa ipayipi lendle eligubuzele ngephunga erenki yamatekisi eMgodini kumgwaqo uPietermaritz kodwa namanje isimo sokunuka nokuconsa kwendle sisenjalo kule renki. Iphephandaba i-Echo lishicilele udaba ngesonto eledlule ngale renki lapho abasebenzisi bale renki bekhalaza ngesimo esingesihle sokuconsa nokunuka kwendlu kule renki. Lokhu kuconsa kudalwe ipayipi lendle eliqhumile elidedela indlela eyehla ngodonga isuka ophahleni lwe renki iye iyoconsa phansi. Kumanje kunedamu lendle econsele phansi kanti namatekisi ama khona lapho.

Ngesonto eledlule abasebenzisi berenki baveza ukuthi sekuphele amasonto amathathu bebhekene nesimo sokunukelwa baphinde babone indle igcwele phansi kule enki. Abantu abasebenzisa le renki abashayeli, abasizi babashayeli, abagibeli kanye nabantu abanamabhizinisi okupheka khona lapha erenki. Bevakashelwe i-Echo baveze ukuthi umasipala uMsunduzi waziswa ngalolu daba kodwa ubungakafiki ukuzolungisa yize babelindele ukuthi uzofika ukuzolungisa inkinga.

UMnu Shumi Mdlalose ongomunye worenki menenja kule renki ephinda ekhuluma ne-Echo uthe isimo sisenjalo kanti futhi wathi kunokuthi sehle siya ngokuqhubeka siya phambili kunakuqala.

“ Isimo serenki asikashintshi kuze kube imanje. Indle isageleza phansi kanti nephunga livalele irenki yonke. Siyacela ukuthi umasipala ungenelele kulokhu usisize ngoba sizizwa sikwenkulu ingcuphe yokuthi sigule ngenxa yalesi simo esiphila ngaphansi kwaso.,” esho.

Omunye oyilungu lomphakathi othinte leli phephendaba naye uphinde wazwakalisa ukunengeka kwakhe.

“ Sekunamasonto amathathu kanti leli sonto sekungelesine manje sibhekene nalesi simo lapha erenki. Besinethemba sithi kothi kuphela isonto eledlule kube sekulungisiwe.

“Kuvele kuhlasimule umzimba uma use renki kanti futhi siwumphakathi osebenzisa leya renki sesizwa singaphephile neze,” kusho umgibeli.

Le renki isetshenziswa abagibeli abasuke beya ezindaweni ezehlukene zase Edendale nabaya ezindaweni ezikude.

Okhulumela umasipala uMsunduzi uNksz Nqobile Madonda uthi ithimba likamaspala lilungisile ngoMsombuluko kodwa kwabuye kwaqhuma

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.