Isiguli sikhala ngokunganakwa e-Edendale ngoba kuthiwa ‘siyazitshela’

2015-09-10 06:00
ISITHOMBE: sithunyelwe

UMnu Lungelo Ndlela othi akanakwanga    esibhedlela e-Edendale ngoba kuthiwa      uyazitshela.

ISITHOMBE: sithunyelwe UMnu Lungelo Ndlela othi akanakwanga esibhedlela e-Edendale ngoba kuthiwa uyazitshela.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngesihluku sabahlengikazi owesilisa wase Snathing onganakwanga esibhedlela i-Edendale ngoba kuthiwa ‘uyazitshela’.

UMnu Lungelo Ndlela owalimala engozini yemoto endaweni yakwaNoshezi ngeledlule uthe nakuba uyaphila namhlanje usizwe esinye sezibhedlela ezizimele sakuleli dolobha, emva kokuba ejike esengaphakathi e-Edendale yize wayopha kakhulu.

Elandisa iphephandaba i-Echo uNdlela uthi wafika esibhedlela ngoMsombuluko entathakusa ehambisana nabanye abathathu ayelimele nabo engozini yemoto, kodwa yena elimele kakhulu.

Uthe bathi befika bayalelwa ukuthi baye e-Specialist Out-Patient Department (SOPD) lapho kwafike kwathiwa akahambe ayovula ifayela yize babembona ukuthi nezimpahla azigqokile zazigcwele igazi.

Uthe: “Sithe sisahleli lapho ngacela amaphilisi ezinhlungu ngoba umzimba wawuqaqamba. Omunye wabahlengikazi wathi ngeke ngiwathole amaphilisi ngingakayivuli ifayela. Kwenzeka konke lokhu abahlengikazi bayaxoxa, iziguli zihleli emabhentshini akekho ozinakile. Ngithe uma ngibatshela ukuthi izinhlungu ziyangiqinisa, omunye wabo ngamuzwa ethi angiyi ngani ezibhedlela ezizimele ngoba ngiyazitshela, ngiphakeme.”

UNdlela uthe emva kokuzwa lokho ube esebuza yena lo mhlengikazi ukuthi isibhedlela singakwazi yini ukumtholela i-ambulense ezomthutha imyise kwesinye isibhedlela esizimele, owaphendula ngokuthi kuzomele azitholele yena imoto ezomhambisa. Uthe emva kokuzwa lokho akabange esapholisa amaseko, wafonela omunye walabo ayehamba nabo owayeyomvulela ifayela, wacela ukuthi abuye ukuze bamhambise kwesinye isibhedlela.

Uqhube ngokuthi okumkhathaza kakhulu ukuthi yize babembona ukuthi usezinhlungwini futhi uyopha, abamshayanga ndiva.

“Ngiwumhlengikazi nami, into engiyaziyo ukuthi into yokuqala uma umuntu efike elimele uyahlolwa ngokuphuthuma ukuze kutholakale ukuthi ukulimala kwakhe kubucayi noma into esengalinda. Baningi abantu behlukemezeka ezibhedlela bengakwazi ukuzikhulumela, sengikhulumela nabo. Indlela engangilimele ngayo, kwakungenzeka noma yini njengoba kwathinteka nomgogodla,” kusho yena.

Uthe yize engawathathanga amagama abahlengikazi, angabakhomba okuyibona ababesebenza ngalolo suku. Kuze kwashaya iskhathi sokushicilela uMnyango wezeMpilo ungatholakalanga ukuphawula

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.