Isimo sibi kokhubazekile wase-Ashdown

2015-05-07 06:00
IZITHOMBE:NOKULUNGA NGObESe

UMnu Bhekise Nhlapho osehlale ekoyi iminyaka engaphezu kweshumi.

IZITHOMBE:NOKULUNGA NGObESe UMnu Bhekise Nhlapho osehlale ekoyi iminyaka engaphezu kweshumi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngezethembiso zeminyaka owesilisa okhubazekile wase-Ashdown, osehlale ekoyini elingenamanzi nendlu yangasese iminyaka engaphezu kweshumi.

UMnu Bhekise Nhlapho (57) uhlala nezingane zakhe eziyisithupha kulona leli koyi emva kokushonelwa unkosikazi eminyakeni emihlanu eyedlule. Unabantwana abaphakathi kweminyaka eyi-16 kuya kwngama-22. Utshele iphephandaba i-Echo ukuthi impilo inzima njengoba engakwazi ukuzihambela, kufanele amemeze omakhelwane uma efuna ukuzikhulula uma bengekho abantwana emini.

UNhlapho owayesebenza ezimayini eGoli uthe usizi lwakhe lwaqala emva kokuba elimale engozini, eyamkhubaza umgogodla wangabe esaphinde esakwazi ukuhamba. Yize umndeni wakubo lapho ezalwa khona ubuhlala e-Ashdown, kuphoqeleke ukuthi kugcine sekudayiswa umuzi wakubo ngenxa yezinxushuxushu ezaba khona.

Uthe uthuthele kuleli koyi ngo-2001 esizwa ilungu lomphakathi elaliyisebenzisela ukudayisa. UNhlapho uthe njengoba bonke namadodana namadodakazi akhe bebelala kuleli kamelo elilodwa, amadodakazi akhe agcine esezikhethele ukuhlala kubangani bawo, nalapho agcine eseziyekele isikole. Yize ikhaya labadala elukule ndawo i-Emseni Old Age Home, limsiza ngokudla, nezingubo njengoba kungena ubusika, uthe akakwazi ukuyohlala khona ashiye izingane zakhe njengoba efisa ukuthi bonke baqoqeke ngaphansi kophahla olulodwa. Uthe usekhathele izithembiso ezivela emahhovisi ahlukene kahulumeni, njengoba kade ayegqigqa ezama ukuthola usizo.

Uthe: “Sebushintshwe kaningi ubuholi, ngilokhu ngithenjiswa ukuthi ngizosizwa. Kamuva nje kube nethimba labaholi elingivakashele ngonyaka odlule emva kwembizo kaMongameli uJacob Zuma, lathembisa ukuthi bazongisiza kodwa kuze kube imanje abasho lutho.

“Sekuyiminyaka izethembiso zingafezeki. Engikufisayo ukuthola uphahla olusile, noma ngabe i ndlu endala kodwa uma kuyindlu ezoba namanzi nendlu yangasese. Leli koyi selilidala, sesisabela nokuthi liyogcina liwela kuthina njengoba linyakaza uma kunomoya.

“Uma lina, amanzi angena ngaphakathi, sindlala ocwazi phansi. Abantwana bami sebeqala ukuba uvanzi , ngoba abanalo ikhaya eliqondile.”

UNhlapho, okuwuyena owondla umndeni wakhe ngemali yempesheni yokugula, uthe ucela noma ngubani ongasiza axhase ngokudla nezingubo njengoba isimo sisibi.

Ikhansela lesi gceme sama-23 uMnu Dumisani Phungula uthe bayazi ngesimo sikaNhlapho, yingakho baqoka ukuba avakashelwe ithimba le-Operation Sukuma Sakhe emva kwembizo eyayikhona ngonyaka odlule.

“Udaba lwakhe siyalusebenza njengamanje njengoba kuke kwakhulunywa ngalo kwi-war room. Sifike sathola nokuthi izingane zakhe azinawo umfaniswano wesikole, esifike sawuthenga. Sisafake isicelo eMnyangweni wezokuHlaliswa koMphakathi ukuba ugunyaze ukuba akhelwe umuzi.

“Sisalinde impendulo. Udaba lwakhe luyaphuthuma, yingakho simfake ohlelweni lalabo abazokwakhelwa ngokushesha. Sicela abekezele njengoba sisalinde impendulo,” kusho uPhungula

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.