Isithelekile eMdubane iBafana Bafana

2015-06-11 06:00
ISITHOMBE : gallo images

Abadlali beBafana Bafana bezicijela ukudlala neGambia e Peoples Park kuleli sonto. Lo mdlalo ozoba ngoMgqibelo wona lo.

ISITHOMBE : gallo images Abadlali beBafana Bafana bezicijela ukudlala neGambia e Peoples Park kuleli sonto. Lo mdlalo ozoba ngoMgqibelo wona lo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU lebhola lesizwe iBafana Bafana isithilekile eThekwini. Phela leli qembu laseMzansi lizobe libhekene neGambia emdlalweni wokuhlungela i-2015 Africa Cup of Nations (Afcon) ngaloMgqibelo wona lo eMoses Mabhida Stadium.

Leli qembu ukuze lizilungisele kahle, litheleke eMdubane ngeSonto ntambama. Ngesikhathi itheleka iBafana Bafana bebengekho abadlali abafana noTefu Mashamaite, Dean Furman, Sibusiso Vilakazi kanye Mzikayise Mashaba.Kubikwa ukuthi uMashamaite osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs emva kothuli lwezichwe olwasuswa ukungaboni ngaso linye mayelana nenkontileka entsha nakwezimali, kuthiwa usetasa nezasemndenini. UFurman usathintekile edolweni futhi kuthiwa usenza izaba zokuthi lilulame okwamanje.

UVilakazi yena usenakuthinteka eqakaleni kanti noMashaba akakalungi kahle ngoba wathinteka ehlombe.

Umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba usebize abanye abadlali abane ukuvala izikhala zalaba abasabika ibuzi babike nembiba. Labo-ke oTshepo Gumede, Ntsikelelo Nyauza ( Orlando Pirates), Siphelele Ntshangase (Black Leopards) kanye noJabulani Shongwe weBidvest Wits.

UGumede yena usevele watheleka eMdubane futhi usesekhempini. Kanti uShongwe noNtshangase kanye noNyauza bebezotheleka maduze. Okunye futhi uNtshangase ubehambile ne-SAU23. Kanti futhi bekunesiqiniseko ukuthi uPatrick Phungwayo, Thabo Matlaba noOupa Manyisa nabo bebese ndleleni emva kokudlalela iqembu labo i-Orlando Pirates kwi-CAF Confederations Cup lapho bedlale ne-AS Kaloum ngempelasonto edlule eBidvest Stadium eGoli.

Kanti futhi zonke izikhokho ezidlala phesheya kwezilwandle njengo Anele Ngcongca, Ayanda Patosi, Andile Jali (bonke abase Belgium); Thulani Serero (Netherlands) noMay Mahlangu (Turkey) sezithelekile.

UMashaba uthi yena unethemba lokuthi konke kuzohlangana maduze futhi zonke izinto zenzeke ngendlela afisa ngayo.

“Vele kuhlale kulukhuni ukuthola abadlali ukuze beze eqenjini lesizwe, ikakhulukazi ezinsukwini ezinje, lapho abantu abaningi bezitshela ukuthi sebezophumula nesizini ivaliwe,” kusho uMashaba.

UMashaba uthi nokho usakhala ngalabadlali abangakwazanga ukutholakala ngezizathu ezahlukene kodwa uzohlanganisa njendoda.Uthi nabakhona uyabathemba ngoba ababasha ezinhlelweni zakhe.

Emva kwalo mdlalo waseThekwini iBafana izodlala omunye umdlalo wesihle ngoLwesibili wangoJune 16 ne-Angola eCape Town Stadium emdlalweni oyoqala ngo 3pm. Kanti iqembu selilonke limi kanje:

Uhlu lweBafana Bafana oluzodlala emdlalweni we-Afcon nowobungani lumi kanje

Inombolo, igama lomdlali kanye neqembu akalidlalelayo

ONOZINTI:

1. Jackson MABOKGWANE Mpumalanga FC (SA)

2. Itumeleng KHUNE (ongenaqembu okwamanje)

3. Brilliant KHUZWAYO Kaizer Chiefs FC (SA)

ABADLALI BASEMUVA:

4. Anele NGCONGCA Racing Genk FC (Belgium)

5. Patrick PHUNGWAYO Orlando Pirates FC (SA)

6. Thabo MATLABA Orlando Pirates FC (SA)

7. Siyabonga NHLAPHO Bidvest Wits FC (SA)

8. Clayton DANIELS Supersport United (SA)

9. Thulani HLATSHWAYO Bidvest Wits FC (SA)

10. Rivaldo COETZEE Ajax Cape Town FC (SA)

11. Marc VAN HEERDEN Amazulu FC (SA)

12. Tshepo GUMEDE Orlando Pirates FC (SA)

13. Ntsikelelo NYAUZA Orlando Pirates FC (SA)

ABADLALI BASESISWINI:

14. Andile JALI KV Oostende FC (Belgium)

15. Oupa MANYISA Orlando Pirates FC (SA)

16. Bongani ZUNGU Mamelodi Sundowns FC (SA)

17. May MAHLANGU Konyaspor FC (Turkey)

18. Thulani SERERO Ajax Amsterdam FC (NED)

19. Ayanda PATOSI Lokeren FC (Belgium)

20. Thuso PHALA Supersport United FC (SA)

21. Mandla MASANGO

22. Jabulani SHONGWE Bidvest Wits FC (SA)

ABAGADLI

23. Bonginkosi NTULI Amazulu FC (SA)

24. Vuyisile WANA Moroka Swallows FC (SA)

25. Tokelo RANTIE Bounermouth FC (England )

26. Gift MOTUPA Baroka FC (SA)

27. Sphelele NTSHANGASE Black Leopards FC (SA)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.