Izinyembezi zenjabulo Indoni inikela ngekhishi esikoleni KwaNyanda

2015-07-23 06:00
ISITHOMBE:sithunyelwe

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko, Zandile Sibisi (uthishanhloko), Dkt Nomcebo Mthembu (umsunguli we-Indoni Cultural School), Jeniffer Baiju (umqondisi wezeMfundo eMgungundlovu District) noPatros Dlungwane (imenenja ye-V

ISITHOMBE:sithunyelwe UNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko, Zandile Sibisi (uthishanhloko), Dkt Nomcebo Mthembu (umsunguli we-Indoni Cultural School), Jeniffer Baiju (umqondisi wezeMfundo eMgungundlovu District) noPatros Dlungwane (imenenja ye-V

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAVULE nekhishi elisha abafundi nothisha base-Nyanda Primary School e-Sweetwaters emva kokuba uDkt Nomcebo Mthembu wenhlangano Indoni Cultural School enikelele ngesakhiwo sekhishi esizimele ngoLwesihlanu olwedlule.

UDkt Mthembu obehambisana noNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko ukwenze lokhu njengengxenye yokusebenzisa imizuzu engu-67 ezinikela emphakathini, ukukhumbula iqhawe lakuleli elingasekho uDkt Nelson Mandela kwandulela usuku i-Mandela Day.

UDkt Mthembu uchaze ingxoxo abenayo phakathi kwakhe nesiguli esinguthishanhloko walesi sikole uNkk Zandile Sibisi njengenye yezizathu esenze ukuthi anikele kulesi sikole.

Echaza kabanzi uthe: “Ngenkathi ngixilonga uthishanhloko ngimbuzile ukuthi usebenzaphi wase engitshela ngalesi sikole nobubha umphakathi nezingane ezibhekene nabo.

“Obekumkhalisa kakhulu ukuthi yize bephekelwa abafundi, kayikho indawo ehlanzekile kahle lapho bebephekelwa khona njengoba bebepheka endaweni evulekile.

Size lapha ngomoya wokupha nokugqugquzela ubuntu. Ezinye izinto ezazibalulekile kuTata ubuntu, okuyibona esifuna ukubushumayela emiphakathini. Ukunikela kuthatha ukuthi lowo nalowo onotho asize labo abaswele.”

Uthishanhloko uSibisi uthe bajabule kakhulu ngalo mnikelo njengoba sebezokwazi ukupheka endaweni ehlanzekile futhi enempilo.

“Lona umphakathi ohlwempu. Lo mnikelo nje uwodwa usho lukhulu kubazali nabafundi njengoba besiphekela endaweni engagunyaziwe ngokwezempilo ukuthi siphekele kuyona,” kusho yena.

Umqondisi wezeMfundo eMgungundlovu District uNkk Jeniffer Baiju uthe lena inselelo nakwabanye osomabhizinisi nalabo abangaphansi kohlelo lokuphakela izikole ukuba baphonse itshe esivivaneni.

“Sishumayela ivangeli lokusebenzisana nezinye izinhlaka ezingaphandle kukahulumeni, okuyinto eyenziwe ile nhlangano Indoni.

“Ngamunye ngamunye kumele sidlinze, sibuke ukuthi singasiza kanjani ekulekeleleni ukuthi ikusasa lezingane zethu libe ngcono,” kusho uBaiju.

UNhleko uthe kubalulekile ukuthi kukhuthazwe isiko lokufunda kusukela abantwana bebancane, balekelelwe nasekwenzeni ngcono izimo abaphila ngaphansi kwazo.

“Ikusasa lale lizwe lilele entsheni. Le mizuzwana engu- 67 esiyisebenzisa ukuzinikela emphakathini ukugubha inyanga yokuzalwa kwaleli qhawe, kumele kube yinto esiyenza zinsuku zonke. Sinenselelo yokuba sisebenzisane ekwakheni nokuthuthukisa izwe lethu ukuze sikwazi ukubhekana nezingqinamba esihlangabezana nazo.

“UTata wayenothando kakhulu lwezingane, ngakho kubalulekile ukuthi sizibambe sizemaphuphu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.