Kubhekeke iMaritzburg United ivuke ngeCeltic

2015-09-10 06:00
PHOTO: backpage pix 

UMondli Cele weMaritzburg United ongumunye wabadlali umqeqeshi uMandla Ncikazi athembele kubo ukuthi banqobe umdlalo wabo wokuqala kule sizini njengoba iTeam of Choice izobe itholene phezulu neBloemfontein Celtic ngoMgqibelo e

PHOTO: backpage pix UMondli Cele weMaritzburg United ongumunye wabadlali umqeqeshi uMandla Ncikazi athembele kubo ukuthi banqobe umdlalo wabo wokuqala kule sizini njengoba iTeam of Choice izobe itholene phezulu neBloemfontein Celtic ngoMgqibelo e

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAQEMBU aKwaZulu-Natal akhankasa kwiPSL abhekeke ukuthi athwale kanzima ngale mpelasonto yakusasa.

Phela izingwazi zaseKZN iMaritzburg United neLamontville Golden Arrows zizobe zibhekene nezigagayi ezivela ezifundazweni ezahlukene nezaziwa ngokulandelwa noma ngabe zidlalaphi.

Izithandwa zaseMgungundlovu ezingaconsi phansi iMaritzburg United, iTeam of Choice yaseCity of Choice izobe isekhaya lapho izobe ivakashelwe khona yiBloemfontein Celtic eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ngo-8:15 kusihlwa.

Kungenzeka ukuthi abalandeli baseMphithi (Pmburg) basazibuza ukuthi kanti iwini iyofika nini kubona njengoba iqembu labo lisabonakala lizabalazela amaphuzu agcwele.

Okumnandi nokuletha amathemba kwiTeam of Choice ukuthi ibhola abalidlalayo alilibi neze futhi ukuhlangana kwabo nokuzuza amaphuzu agcwele akukude futhi kungenzeka kuqale ngeCeltic.

Okwamanje iTeam of Choice ilele isibili uma uqala emsileni kanti inepoyinti elilodwa vo.

Umkhulumeli we-United uBrian Zuma uthi kuhle nje ukuthi ezakhe zizobe zibhekene neSiwelele ekhaya lapho abangeke bavumele izivakashi zizenzele.

UMsholozi uyavuma nokho ukuthi iCeltic ayiwona ‘amaDanoni ezingane’ futhi iyiqembu elinzima ngasosonke isikhathi noma ngabe idlalaphi.

“Abalona iqembu elilula futhi balandelwa noma ngabe badlalaphi. Kodwa-ke akukho inkunzi eyake yavuma ukukhishwa esibayeni sayo. Sizobe sisekhaya sidlala phambi kwabalandeli bethu futhi-ke sizodlalela ukufa nokuphila ngoba sifuna ukuqoqa amaphuzu aphelele”, kusho uZuma.

Kanti ngaphandle kwalo mdlalo i-United izobuye ibhekane neFree State Stars eHarry Gwala Stadium ngoSeptember 22 ngo-7:30 kusihlwa.

Kanti Abafana Bes’thende bona bazobe beqhuthana amakhizane neMamelodi Sundowns eChatsworth Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Abafana baseLaxie, i-Arrows phela, yona ilele kuphozishini 10, kanti isidlale imidlalo emithathu, yawina owodwa, idilo eyodwa, yahlulwa kanye vo, kanti amaphuzu mane isikwazile ukuwaqoqa.

Umdlalo wabo neSundowns ungabukeka ulukhuni kanti makungakhohlakali ukuthi i-Arrows ingaphendula amatafula.

Kanti imidlalo yePSL isiyonke imi kanje:

12 September

Golden Arrows ne Mamelodi Sundowns eChatsworth Stadium ngo-3 ntambama, Free State Stars ne Chippa United eGoble Park ngo-3 ntambama, SuperSport United ne Kaizer Chiefs ePeter Mokaba Stadium ngo-6 ntambama, Ajax Cape Town ne Polokwane City eCape Town Stadium ngo-8:15 ebusuku. Maritzburg United ne Bloemfontein Celtic eHarry Gwala Stadium ngo-8:15 ebusuku

13 September

Jomo Cosmos ne Platinum Stars e-Olen Park ngo-3 ntambama, University of Pretoria ne Wits eTuks Stadium ng-3 pm.

18 September

Orlando Pirates ne Black Aces e-Orlando Stadium ngo-7:30 kusihlwa.

22 September ngo-7:30

Maritzburg United ne Free State Stars eHarry Gwala Stadium, Platinum Stars ne Chippa United eMoruleng Stadium, Polokwane City ne Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium

23 September ngo-7:30

Wits ne SuperSport United eBidvest Stadium, Golden Arrows v Black Aces eChatsworth Stadium, Kaizer Chiefs ne University of Pretoria eFNB Stadium, Mamelodi Sundowns ne Ajax Cape Town eLucas Moripe Stadium

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.