Kuboshwe abasifazane BASEHOPEWELL kwelokudayisa kwezidakamizwa MANDRAX UMGWINYO (Ecstacy) WHOONGA

2015-04-30 06:00

BAVELE kafushane enkantolo kamantshi eMgungundlovu abesifazane ababili abasolwa ngokuba ngongqondongqondo bokudayisa izidakamizwa eThornville ngaseHopewell.

Laba besifazane nguNksz Nompumelelo noNontobeko Vilakazi kanti bavele ngoLwesithathu bebhekene necala lokudayisa izidakamizwa zohlobo oluhlekene.

Ukuboshwa kwalaba kwenzeke emva kokuba ithimba lamaphoyisa elaziwa ngelePietermaritzbug Public Order Police ligasele kule ndawo kulandela ukulunywa indlebe ngokudlanga kokusetshenziswa nokwanda kwazo izidakamizwa khona eHopewell. OVilakazi laba kulindeleke ukuthi baphinde bavele kuyo inkantolo kungekude njengoba besagcinwe ngaphakathi.

Okhulumela amaphoyisa uKapteni Musa Ntombela uthe kutholakale izidakamizwa zohlobo lweMandrax eziyi 1 700, kwaphinde kwatholakala nohlobo lwesidakamizwa sephilisi i-Ecstacy, iWhoonga eyizi 2 200 kanye namaphasela ayisithupha ohlobo lwe heroin.

“Amaphoyisa agasele kulo muzi wakule ndawo emva kokuthi abomthetho belunywe indlebe mayelana nokudayiswa kwezidakamizwa. Ingalo yomthetho ibe seyilandela lo mkhondo nokuholele ukuthi kugcine kubanjwe laba besifazane ababe sebeboshwa. Kuphinde kwatholaka namaphilisi ohlobo lweMadrax eyi-1 000 eshaqe yiwo amaphoyisa kanye nabo laba baboshwa labalisa” kusho uNtombela. Uqhube wathi lezi zidakamizwa zilinganiselwa kwinani lika R400 000.

“Kuyasolakala ukuthi laba besifazane lezi zidakamizwa bazidayisela indawo yaseHopewell namaphethelo kanye nendawo yase-Escourt. Siyawancoma kakhulu amaphoyisa ngomsebenzi awenzile kanti futhi lokhu kukhombisa ukuthi amaphoyisa uma ezwe umkhondo ayawulandela.

“Siyawuxunxusa umphakathi ukuthi uma kukhona okusolayo emphakathini utshele amaphayisa, nakanjani amaphoyisa ayobe eselandela lowo mkhondo zibanjwe izigebengu noma abenzi bobubi,” kuqhuba uNtombela.

Ikhansela likawadi 18 uNksz Sindisiwe Gwala, okuyindawo lapho kutholakale khona izidakamizwa, uthe ubengakezwa ngalolu daba. Kodwa ube esencoma umsebenzi wamaphoyisa ngokubopha laba abasolwa ngokwenza okubi. “Siyakuthokozela uma kuwukuthi amaphoyisa abopha abantu abasuke benza ubugebengu endaweni. Lokhu kuyisifundo nakwabanye abasacabanga ukuthi benze ubugebengu.

Noma ubani ocabanga ukuzimbandakanya nobugebengu ngeke akwenze uma amaphoyisa ekhombisa ukulwa nesihlava sabo ubugebengu,” kubeka yena uGwala

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.