Kukhalwa ngobugebengu eNhlazatshe

2015-07-23 06:00

USABISA ngokuvala zonke izidleke zewhoonga endaweni yase-Snathing umphakathi waseNhlazatshe kulandela izigameko zakamuva zokuntshontshwa kwezinto endaweni, okusolakala ukuthi zenziwe yiqeqebana labafana babhema iwhoonga endaweni.

La malungu omphakathi atshele i-Echo ukuthi yize ubugebengu buke bathi ukuma kule ndawo, buqale phansi njengoba leli qeqebana elilinganiselwa kubantu abayisihlanu ligasela imizi yabantu ebusuku lintshontsha omabonakude namakhompuyutha.

Athe isigameko sangesonto elidlule, lapho kungenwe emzini womuntu ebusuku, isona esiholele ekutheni umsolwa atholakale endaweni yaseSnathing.

“Bekulokhu kuntshontshwa izinto ezifana nomabonakude, kodwa singazi ukuthi lezi zigebengu ziqhamukaphi.

“Lezi zigilamkhuba bezikwazi ukungena ngale minyango ephushwayo (sliding doors) futhi kulula ukungena kule mizi enamafasitela e-aluminium.

“Ngesonto eledlule esinye salezi gilamkhuba singene komunye umuzi ebusuku okuthe uma bephaphama sabaleka sashiya umakhalekhukhwini. Iwona lo makhalekhukhwini esikwaze ukuthola ngawo ukuthi umsolwa owase-Snathing.

“Simthumele umyalezo, sazenza umngani wakhe lapho sifike sathola nokuthi kubo kulaphi.

“Sifikile kubo sazama ukukhuluma naye, okugcine ngokuthi kulamule amaphoyisa ngoba bese sibhodloze nomnyango bengafuni singene.

“Yize umsolwa evumile wabala nabanye asebenzisana nabo, sishaqekile uma sifika esiteshini samaphoyisa i-Plessislaer sithola ukuthi umsolwa udedeliwe. Siphindelile esiteshini siyofuna incazelo kodwa satshelwa ukuthi amaphoyisa asephinde ambopha umsolwa,” kusho omunye etshela leli phephandaba.

Elinye futhi ilungu lo mphakathi nalo elingathandanga ukudalulwa igama lithe njengomphakathi sebekhethe ukuthi bazibambele umthetho ngezandla, njengoba amaphoyisa ephuza ukusukuma uma bewabikela.

“Sizimisele ngokuvala zonke izidleke ze whoonga kule ndawo ngoba izona lezi ezidala ukuthi abantu bantshontshe ngoba beswele imali.

“Asisho ukuthi eNhlazatshe azikho izidleke zewhoonga kodwa nazo zizovela emva kokuba sesivale ezakule ndawo.”

Kusenjalo endaweni yase-Sigingqini kuyona le ndawo amalungu omphakathi athi awalalanga ngoMsombuluko ebusuku emva kokuba umphakathi ubujaha izigebengu ebezibaleka nothayela abahlanu abebebekwe ngaphadle komuzi womuntu.

Umdlali wesigingci owaziwayo waseNhlazatshe uZazi Mncube usanda kudutshulwa ebanjwa inkunzi kanti lokhu kwenzeka nje wayengenelwe izigebengu indlini zathatha umakhal’ekhukhwini wakhe.

Ikhansela lakwa ward 11 uMnu Sipho Madonda uthe uyazi ngalezi zigameko futhi bahlangene nezinhlaka ezibhekelene nokuphepha komphakathi ukuze kukhulunywe ngezindlela okungancishiswa ngazo ubugebengu.

Okhulumela amaphoyisa kwi Plessislaer Cluster uNkk Thokozani Moleko ukuqinisekisile ukuthi akhona amacala obugebengu avuliwe kule ndawo, wakhuthaza amalungu omphakathi ukuba abike emaphoyiseni izigilamkhuba kunokuthi azibambele wona umthetho ngezandla

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Hip Cape Town bars to discover this summer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.