Kulamba abasebenzi ngomgwaqo

2015-06-04 06:00
ISITHOMBE:nompendulo ngubane

Umgwaqo uThwala okumanje ubhekene nezinkinga zokungabi khona kwezinsiza kusebenza.

ISITHOMBE:nompendulo ngubane Umgwaqo uThwala okumanje ubhekene nezinkinga zokungabi khona kwezinsiza kusebenza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUSWELEKA kwezinto zokwakha umgwaqo uThwala onwetshwayo ukuze ube nemizila emithathu e-Mbali Unit 2 sekuholele ekutheni kume.

Lezi zindaba ezimbi futhi ezifakazelwe umxhumanisi womphakathi uMnu Themba Zondi, zilambisa abasebenzi abalingaliselwa emashumini ayisikhombisa.

Lo mgwaqo bekubhekeke ukuthi uphele ngenyanga uNdasa (March). Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaba nokunganami okuvezwe amanye amalungu omphakathi nosomabhizinisi mayelana nokwakhiwa kwalo mgwaqo.

Lo mgwaqo ukulungiswa kwawo kuyoze kufinyelele enxanxatheleni yezitolo iGreater Edendale Mall.

Ekhuluma ne-Echo, uZondi uthe okunye okwenza kube khona izinkinga ukungenami kwabasebenzi mayelana nemali abayitholayo njengoba kubuye kube nezinsuku abangazisebenzi ngenxa yokungabi khona khona kwezinto zokwakha.

“Lokhu kushoda kwezinto zokwakha sekuholele ekutheni abasebenzi bafike beze emsebenzini kodwa bazithole sebebuyela emuva. Abantu okuyibona abadala ukuthi kube nezinxushunxushu ilaba benkontilaki okumele babhekelele ukuthi zonke izinto eziphathelene nokwakhiwa komgwaqo zikhona.

“Ukushoda kwazo yikho-ke manje okudala ukuthi abasebenzi bangasebenzi ngezinye izinsuku. Namhlanje (Ngolwesibili) kuphoqelekile ukuthi abasenzi babuyele emakhaya. Okwanamhlanje kubala nokungagculiseki kwabasebenzi mayelana neholo abalitholile,” kuchaza uZondi.

Omunye wabasebenzi ongazange athande ukudalulwa uthe imali abayiholayo u-R4 000 ngenyanga. Uthe kule nyanga uNhlangulana bahole imali engango R2 000 lokho okungazange kubanelise kanti futhi wabalula sekungamasonto amathathu izinto zokwakha zingekho.

“Lokhu okusilona iphutha lethu kodwa inkontileka okuyiyona engathengi izinto zokwakha zonke ukuze umsebenzi uqhubeke. Ngesinye isikhathi siye sisebenze amahora angaphelele kulawa esiwasebenzayo. Umthelela walokho kuba ukuthi ngeke sihole uma singazange sisebenze amahora aphelele.

“Lokho-ke kuyiphutha lenkontileka, hhayi thina njengabasebenzi. Kodwa-ke sigcina sesichaphazeleka. Asineme ngendlela umqashi wethi wenkontileka asiphethe ngayo. Unendlela yakhe yokuphatha abantu engeyinhle kanti nalokho siyakhala ngakho singabasebenzi,” kusho lo msebenzi.

Iphephandaba i-Echo lizame isikhathi eziningi ukuxhumana nomphathi kule project uMnu Kenneth Kasumba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ucingo lwakhe belungangeni kanti akazange avume ukukhuluma nentatheli ngesikhathi ivakashele le ndawo ye project.

Ikhansela laka-ward 22 le ndawo engaphansi kwalo, uMnu Pat Jaca, uthe uyazi nezinkinga zenkontileka ezikhona kanye nokukhalaza kwabasebenzi.

Uthe abantu abenza kube nezinxushunxushu inkontileka engathengi izinto zokwakha.

“Kunezinye izinkinga zamaholo abasebenzi abangeneme ngazo. Akukho msebenzi owabizwa watshelwa ngoshintsho emaholweni abo, yingakho nje kunezinkinga ezikhona.

“Nami njengekhansela angizange ngibizwe ngitshelwe ukuthi kuzoba noshintsho mayelana nezimali zabasebenzi,”kubeka uJaca.

UZondi uqhube wathi kuzoba nezingxoxo phakathi komqashi nabasebenzi ukuzama ukuxazulula izinkinga.

“Okwamanje kodwa abasebenzi baphindele emakhaya,” kusho uZondi.

Bathi abasebenzi bafike beze emsebenzini kodwa bazithole sebebuyela emuva ngokushoda kwezidingo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.