Kumapeketwane ngolwemizi kwaDambuza

2015-07-23 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese

Indawo yase-Unit H KwaDambuza lapho umphakathi ukhala ngenkinga yokuthi abanye sebephenduke ondingasithebeni bebe benemizi yabo.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Indawo yase-Unit H KwaDambuza lapho umphakathi ukhala ngenkinga yokuthi abanye sebephenduke ondingasithebeni bebe benemizi yabo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngenzukazikeyi yemizi yemixhaso umphakathi wakwaDambuza e-Unit H njengoba uthi sekuphele iminyaka ungomantunta nendishi ekubeni imizi yawo ihleli abanye abantu.

Lo mphakathi okhathazekile utshele iphephandaba i-Echo ukuthi yize usuzame kaningana ukuxhumana nophiko olubhekelele izindlu ngaphansi kukamasipala uMsunduzi awukutholi ukusiza kala.

Uthi abanye babo sebekhethe ukuqasha khona kule ndawo ekubeni benemizi yabo.

Okhulumele amalungu omphakathi uMnu Themba Mkhize uthe okumkhathaza kakhulu ukuthi iningi labantu abaqashe emizini yabantu yize benemizi yabo abantu besifazane, abanye babo abangagcina bezithola sebeyizisulu zokuhlukunyezwa.

UMkhize uthe basola labo ababengamele uhlelo lokubhaliswa kwezindlu zemixhaso ngenkathi lo msebenzi uqala eminyakeni engaphezulu kwemihlanu eyedlule.

“Ngenkathi kuqalwa le projekthi labo ababengamele lolu hlelo abazithathanga izinombolo zocingo zalabo ababebhalisile.

“Kwakuvunyelwene ukuthi ngenkathi umuzi wakhiwa kuzoba khona labo abazogada, abayophuma uma sekufika abanikazi bomuzi. Kuthe imizi uma isiphelile, kwase kuba lukhuni ukuthinta labo ababebhalisile baziswe ngokuthi imizi yabo isiphelile.

“Abasinda ilabo abezwa emoyeni ukuthi kukhona izindlu eziphelile nabo ababehamba bezifunela izindlu zabo. Kuthe uma isiphela le projekthi kwagcina sekukhona nabazingenela ngenkani, abanye babo abangasafuni ukuphuma khona.”

UMkhize uqhube wathi into eyenza ukuthi agcine esephumela obala ngalolu daba ingoba engomunye wabantu ababesayine amaphepha, besetshenziswa njengofakazi ukuthi bayazi ngohlelo lokuhlaliswa kwabantu okwesikhashana ezindlini.

“Inkinga esesibhekene nayo ukuthi laba bantu abangena ezindlini ngoba bezohlala isikhashana abasafuni ukuphuma, kanti futhi umthetho awugunyazile ukuthi kukhishwe umuntu endlini ibe ingekho indawo lapho ezohlaliswa khona.

“Lolu daba sekuwudaba esesizame ukululungisa iminyaka, kodwa akukho okusha okwenzekayo,” kusho uMkhize.

Ikhansela lakwa ward 16 uMnu Bhekabantu Zuma uthe inkinga endala lena, naye angene esikhundleni wafikela phezu kwayo.

“Inkinga eyasuke yaba khona ukuthi labantu ababebhalisile babengatholakali kwagcina sekukhona labo ababezohlala isikhashana, abanye babo bazingenela ngenkani.

“Inkontilaki eyayiphethe lo msebenzi yayihlalise abantu ngenhloso yokugada. Kumanje umasipala uphezu kohlelo lokungenela imizi ngemizi lapho kuzobhekwa khona ukuthi abantu abakhona abanini bemizi yini.

“Inkinga ekhona ukuthi umthetho awugunyazi ukuthi kukhishwe abantu ezindlini kungekho lapho bezohlala khona.”

NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.