Kumi ngomumo kowama Satma ngempelasonto

2015-10-01 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
Konke kumi ngomumo kowama Satma ngempelasonto.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Konke kumi ngomumo kowama Satma ngempelasonto.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KONKE sekumi ngomumo kowamaSouth African Traditional Music Awards (Satma) njengoba wonke amabombo azobe elibhekise eRichards Bay ngale mpelasonto. Le miklomelo ezokwenzela eKing Bhekuzulu Hall e- University of Zululand ngoMgqibelo wona lo izobe igubha iminyaka eyishumi yasungulwa.

Kwezinye zezicukuthwane eziqhamuka emazweni angaphandle kukhona kuzo uNkk Sarah Obama, Nksz Samia Nkrumah noNksz Iylassah Shabazz kanti ziqale ukufika ngoLwesibili okuthe ngoLwesithathu kwaba nomcimbi we ‘red carpet’.

Okhulumela amaSatma uNksz Mbali Khanyile uthe konke sekumi ngomumo njengoba bethembisa abantu umcimbi osezingeni eliphezulu, kwazise kugujwa iminyaka eyishumi yasungulwa le miklomelo. Kuzoqalwa ngomcimbi wosomahlaya kusasa ngoLwesihlanu lapho uCeleste Ntuli, Pule, Skhothani, Simphiwe Shembe, Mondli Mzizi, Tsoro, Qatha, Siyabukela, Siya Seya noThapelo Mametja bezoshiyelana inkundla. Ngalo lolo suku kulindeleke ukuba kunandise uZola, Duncan noThokozani Langa. Bese kuthi ngoMgqibelo ngo-5 ntambamba kuzonandisa uZulu Boy, Amageza amahle, AmaSAP, Osaziwayo, Bhaka, Buselaphi, Vumile, Mjikijelwa, Ifani, Udlubheke, Zakwe noMfez’ Emnyama. Amathikiti okungena ngoLwesihlanu ayatholakala eComputicket ngo-R100, awangoMgqibelo atholakala ngo-R280. Abafisa ukuvotela imbongi yaseMgungundlovu uNompumelelo Khumalo oqokwe emkhakheni we ‘best poet’ abathi: Satma, Nompumelelo Khumalo, best poet ku-34066.

Ukuvota kuzogcina ngoMgqibelo ngo 12 emini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.