Kunenkombankombane ngeyobulungu kwaward-12

2015-04-30 16:50

 ISITHOMBE: NOKULUNGA NGOBESE

ISITHOMBE: NOKULUNGA NGOBESE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU e-ANC kwaward 12 endaweni yase-Edendale afuna kungenelele uMnyango wezokuVikela umphakathi ukuze kuphenywe kabanzi ngomgunyathi owenziwa ngamafomu obulungu obabuzogunyaza ukhetho lwesigugu esiphethe igatsha elidume oligcine lumisiwe.

La malungu atshele iphephandaba i-Echo ukuthi asekhathele ukushaywa indiva ubuholi besifundazwe kanye nehhovisi i-Moses Mabhida region, njengoba kade ayebika ngomkhonyovu noqhekeko kule ward. Atshele leli phephandaba ukuthi azimisele ukuphazamisa uhlelo lokukhethwa laso isigugu esiphethe igatsha esaziwa ngebranch executive committee (BEC) entsha, kuze kube lukhethwa ngokwenqubo yale nhlangano.

Athi ukungezwani phakathi kwawo nalawo aseka ikhansela lendawo uMnu Sbono Majola kuholele ekutheni kumiswe ukhetho lwe-BEC ngoNhlolanja (February) walo nyaka, emva kokusola labo abahambisana nekhansela ngokwandisa ubulungu ngokugcwalisa amafomu omgunyathi. Bathi emva kokubona ukuthi labo abangahambisani nekhansela baningi ukudlula bona, kube sekugcwalisiswa noma ubani ukuze athole ubulungu ukuze akwazi ukuvota. Elinye ilungu elikhulume naleli phephandaba elingathandanga ukudalulwa lithe: “Ngokwezibalo siyazi ukuthi thina sibaningi kodwa siqale ukusola ngoba sesibona abanye bethu sebekhishiwe nasohlwini lwamagama abantu abazovota. Leli elinye iqeqebana limane laba namalungu amaningi kunawethu, okwenze sikhalaze lumiswe ukhetho. Sicele elinye ilungu ebesilazi ukuba lisikhombise ifomu lalo lobulungu okuthe uma sibheka sathola ukuthi kukhona okungahambisani.

“Sibe sesiya ebhange lapho okuthiwa bakhokhela khona o-R20 bobulungu, satshelwa ukuthi kunomgunyathi owenziwe. Yize ngokwefomu kubekwa ukuthi leli lungu lakhokha ngonyaka odlule, ebhange basitshela ukuthi abaligxivizi ifomu elingabhaliwe usuku umuntu afake ngalo imali.

“Bathi isitembu asibi sincane, futhi uma umuntu ekhokha kunesliphu esidatshulwayo ezansi. Phezu kwalokho umuntu owayesayinile kuleli fomu kukhombisa ukuthi wayengekho ngalolo suku.

“Babe sebethi akukho abangakusho okudlula lokhu ngoba kumele kuvulwe icala lo mgunyathi. .”

Elinye ilungu lithe bake bazama ukususa uthuthuva kule ward kulo nyaka ukuze banakwe, kodwa bagcina bengasizakalanga.

“Sifuna kuhlakazwe ubuholi obukhona ngoba asisizakali ngalutho, kunalokho kusizakala labo abahambisana nekhansela. Sifuna kungenelele uMnyango wezokuVikela uMphakathi.

Libuzwa ngalezi zinsolo ikhansela uMajola uthe ilona leli qeqebana elenza umgunyathi ngamafomu obulungu, njengoba liwaphuca abantu ngesidlozana.

“Siyaziqhelelanisa nalezi zinsolo njengoba konke sikwenza ngemigomo, futhi siyabhala nezinsuku abantu abasuke bekhokhe ngazo ebhange. Laba abantu abadunga ukuthula kule ward, abaphazamisa nemihlangano.

“Ihhovisi lesifunda liyazi ngakho konke okwenzekayo okubalwa nezinsongo abanazo. Benza konke lokhu ngoba ukhetho seluseduze. Ukuba ngisebuholini obuphezulu kule nhlangano, ngabe sengibakhiphile nasembuthweni ngendlela abaziphethe ngayo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

6 myths about male cancer
Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.