Kunzima kodilikelwa yindlu eNhlazatshe

2015-08-27 06:01
UNksz Thokozani Zondi ohlala endlini ewayo eNhlazatshe. ISITHOMBE:nokulunga ngobese

UNksz Thokozani Zondi ohlala endlini ewayo eNhlazatshe. ISITHOMBE:nokulunga ngobese

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMPILO inzima kowesifazane waseNhlazatshe ohlala endlini yamapulangwe ewayo, emva kokushabalala kwephupho lakhe lokuthola indlu yomxhaso.

UNksz Thokozani Zondi (46) uhlala kule ndlu esentabeni nendodana yakhe eneminyaka eyisithupha, futhi basizwa omakhelwane uma bedinga ukusebenzisa indlu yangasese.

Uthe yize enonyaka efikile kule ndawo, ubesephila ngokuqasha emizini yabantu , emva kokuba kushabalale iphupho lakhe lokuthola indlu yomxhaso.

“Ngafaka isicelo sokwakhelwa umuzi womxhaso endaweni yase -France ngenkathi lolu hlelo luqala ukufika eminyakeni engaphezu kweshumi eyedlule. Yize bengisebenza edolobheni ngigada izimoto, bengiba naso isikhathi sokuyobheka emahhovisi ukuthi kuhamba kanjani ngesicelo sami, ebengilokhu ngitshelwa ukuthi akukakalungi.

“Kuthe ngo 2009 ngaphelelwa umsebenzi, ngagcina sengingasenayo imali yokugibela njalo ngiye edolobheni ukuyobheka isicelo sami.

“Ekugcineni sengiya, ngatshelwa ukuthi umuzi wami sewaze wanikwa omunye umuntu ngoba ngingatholakali, kanti negama lami lase licishiwe nasemagameni abanye abantu ababefake izicelo ngoba kuthiwa sengiwutholile umuzi.”

UZondi uthe kusukela lapho ube esehamba eqasha, okuphethe ngokuthi agcine esecele umuntu ozomakhela lo mkhukhu wamapulangwe. Uthe kumanje akasebenzi ndawo, futhi uphila ngemali yesondlo yendodana yakhe engu R310.

“Uma linetha kungena amanzi endlini futhi ngisho sivala ngokhadibhodi kuyazifanela.

“Sengiye ngisizwe ibona omakhelwane ngokudla uma ngixakekile. Njengoba kungena ihlobo nje, sizophesha sipheshile njengoba kusazoba nezimvula,” usho kanje

Ikhansela lakwa ward 19 uMnu Sipho Madonda uthe alukho uhlelo olukhona lwezindlu zomxhaso endaweni okwamanje, kepha uZondi angeza emahhovisi abo ukuze afakwe ohlwini lwabantu abafake izicelo zemizi yomxhaso.

Abafisa ukusiza bangathintana naye ku 071 048 3357

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.