Kuphele inkunzi kwadaleka imisebenzi ehlathini laseFrance

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE

Ihlathi lapho sekwakhiwa khona amafulethi eFrance ngasemgwaqweni uRichmond kanti azophela ngonyaka ka-2017.

ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE Ihlathi lapho sekwakhiwa khona amafulethi eFrance ngasemgwaqweni uRichmond kanti azophela ngonyaka ka-2017.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSHAYEKE izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa kuqedwa ihlathi ebeseliphenduke isizinda sobugebengu, kwadaleka imisebenzi njengoba kwakhiwa amafulethi kamasipala nje endaweni yaseFrance.

Abantu abebeyizisulu zalobu bugebengu yilabo abebesebenza eMkhondeni njengoba bebanjwa inkuzi kuleli hlathi beya noma bephuma emsebenzini. Kodwa manje sekuqashwe abantu abangu-40 abenza imisebenzi ehlukahlukene kwakhiwa amafulethi agudle emgwaqo uRegie Radebe (Richmond).

Ikhansela likaward 13 okukhona kuyo indawo yaseFrance, uMnu Bongani Dlomo, lithe ukwakhiwa kwala mafulethi kuvulele amathuba omsebenzi abantu baseFrance ngokwezindawo zabo ngokuhlukana kwazo. UDlomo uthe lolu hlelo luqale ngonyka odlule kanti kubhekeke ukuthi luphele ngonyaka ozayo lapho kuyobe sekuqediwe kanti nabantu abafanele nabo bayobe sebeqala ukuhlala kuzo lezi zindlu eziwuhlelo loMsunduzi Housing Association. Uthe ukuvuleka kwale ndawo ikhanye futhi kwakhiwe kuyona kusize kakhulu ekuqedeni ubugebengu obesebudlangile, ikakhulukazi kubantu ebasuke beya noma bebuya emsebenzini eMkhondeni.

“Kuyinto ejabulisayo kakhulu ngoba sishaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Lokhu kuchaza ukuthi ubugebengu obebudlangile buphelile ngoba le ndawo isiyakhanya futhi kwaphinde kwavula namathuba omsebenzi kubantu bendawo. Kunabantu abalinganiselwa kuma-40 abaqashiwe kulolu hlelo. La bantu bahlukene ngokwemisibenzi abayenzayo.

“Kukhona abakwazi ukwenza izitini, abakhayo nabenza okunye okuhlukile emsebenzini wokwakha.

“Kuyajabulisa ukuthi kuvule amathuba ukuze abantu bahlomule futhi basebenze ukusiza imindeni yabo. Siyiwadi silandele imigomo efanele ekuqasheni ngoba siqashe abantu ngokwemisebenzi yabo futhi sathatha ezindaweni ezahlukene khona ewadini,” kusho uDlomo.

Ukubeke kwacaca ukuthi amafulethi ayafana namanye amafulethi ohlelo loMsunduzi Housing Assocition kanti nawo kuzolandelwa imigudu efanele lapho sekufanele ukuthi kube nabantu abazohlala khona.

“Abantu bazobhalisa bese-ke kubhekwa ukuthi ngabe kufanele yini bazohlala kuwona. Azobe amukela abantu abafanele ukuthi bazohlala kuwona kulandelwa imigudu efanele.

“Okubaluleke kakhulu ukuphela kokugetshengwa kwabantu kuyo leya ndawo ngoba besikhathazekile kakhulu ngayo,” kuqhuba uDlomo.

Okhulumela uMsunduzi Housing Association uNkk Ivor Caldecott uthe kusukela lolu hlelo lokwakhiwa kwalamafulethi luqalile luthole ukwesekwa okukhulu.

“Uhlelo luqale ngoLwezi ngonyaka odlule kanti kulindeleke ukuthi luphele ngonyaka ozayo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.