UMCULI waseMgungundlovu owaduma ngeqembu lomculo wokholo iSound of Salvation (SOS) uThula Mhlophe usesungule ikhwaya yomculo wokholo ngenhloso yokuqeqesha nokukhulisa abantu abasha abasafuna ukungena endimeni yezomculo.
Le khwaya eyaziwa ngo-Umgungundlovu Gospel Choir ithulwe ngokusemthethweni ngeledlule eDambuza Youth Centre.
UMhlophe utshele i-Echo ukuthi okwenze wasungula leli khwaya ukubona ukufadalala kwamakhwaya kuleli dolobha.
Uthe: “UMgungundlovu idolobha elincane kepha elinamaciko anamathalente ayisimanga. Ngenxa yokuthi ayikavuleki kahle iminyango namathuba okuthi amaciko akhombise amakhono awo, sithola amaciko akuleli dolobha efudukela kwezinye izifundazwe lapho kufike kuqhakanjiswe khona amakhono awo.
“Uma sibheka izinga lomculo wamakhwaya lehlile kuleli dolobha njengoba esembalwa. Ngaleli khwaya sihlose ukuvusa umculo wamakhwaya eMgungundlovu nokuqinisekisa ukuthi siveza ithalente elisha futhi silikhulise.
“Isikhathi esiningi kunabantu abasha abagcina sebephelele endleleni, sebegcina nasebugebengwini yize benamathalente, ngenxa yokuthi abawatholanga amathuba okuthi kunakekelwe amathalente abo.
“Leli ithuba ukuthi baziveze ukuze sikwazi ukubalekelela bakhule emculweni. Yingakho sivundulula amakhono kubantu abasebancane abangakaze bagqame ngaphambilini.”
Uqhube ngokuthi bazophinde bavakashele omasipala abahlukene ngaphansi kwesifunda saseMgungundlovu ukuvundulula ithalente entsheni eqhamuka ezindaweni ezihlukene.
“Ezikoleni ukhona umculo wamakhwaya kodwa uthola ukuthi abafundi bagcina ngokucula esikoleni bangabe besaphumela ngaphandle ngenxa yokuthi akukho lapho bengaqhubeka nalolu hlobo lo mculo.
“Sihlose ukuthi uthi uphela lo nyaka kube sekukhona iDVD esesiyiqophile nale khwaya,” kusho uMhlophe.
Abafisa ukuba yingxenye yale khwaya bangathintana naye uMhlophe ku: thula.mhlophe @gmail.com