Kuthiwa akabuye eseyisifundiswa ogwetshwe ewu-15

2015-10-15 06:00
ISITHOMBE:inqolobane ye- WITNESS

UMnu Thamsanqa Ntenza                ogwetshwe iminyaka ewu-15             enkantolo kaMantshi ngoLwesibili. Emihlanu yale minyaka                      izolengiselwa ngaphandle.

ISITHOMBE:inqolobane ye- WITNESS UMnu Thamsanqa Ntenza ogwetshwe iminyaka ewu-15 enkantolo kaMantshi ngoLwesibili. Emihlanu yale minyaka izolengiselwa ngaphandle.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUTHIWA akabuye eseyisifundiswa ejele owesilisa waseMbali ogwetshe iminyaka engu-15 ngecala lokugenca, ashise aphinde agqibe owesifazane egcekeni lakubo ngo 2013.

UMnu Thami Ntenza (25) ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ngaphakathi ejele, emihlanu yayo yalengiswa ngecala lokubulala uNksz Nompilo Ndlovu enkantolo ka Mantshi ngoLwesibili. IMantshi ebiphethe leli cala uMnu Bhekizitha Phoswa uthe ummangalelwa kumele ahambe ayovalelwa ngaphakathi, asebenzise amathuba okufunda azowathola ukuze abuye eseyisifundiswa esewumuntu oshintshile emphakathini.

Uthe yize le minyaka ingeke iyibuyise impilo yomuntu, bafike kulesi sigwebo ngokubona ukuthi ummangalelwa ubezisola kusuka ngaphakathi kuye njengoba ezivumele ukuthi usenzile le senzo waphinde waxolisa.

Uthe: “Konke akwenzile ummangalelwa kukhombisa isihluku, nenhliziyo embi. Njengoba sithi akavalelwe, asisho ngoba sizonda yena kepha sizonda isenzo sakhe. Sithi akahambe aye ejele eyokhokhela isenzo sakhe, azithuthukise ngokwemfundo ukuze abuye eseyisifundiswa nesimilo sakhe sesishintshile. Ngaphakathi ejele kunezinhlobo ezintathu zabantu, kukhona labo ababizwa ngama-26 nama-28 bese iqembu lesithathu kube ilelo labantu abawavumayo amaphutha abo, abafuna ukubuya ngaphandle emphakathini sebezelwe kabusha.”

Nakuba umndeni kamufi uthi ummangalelwa walandela umufi bebuya endaweni yokucima ukoma ngosuku ambulala ngalo, ngokwesitatimende esifundwe enkantolo kuthiwa umufi wayevakashele umsolwa, okuthe uma esecela ukuphelezelwa kwasuka ingxabano.

Isitatimende sithi emva kokuba ummangalelwa enqabe ukuphelezela umufi, umufi ube usenyusa izwi okuphethe ngokuthi ummangalelwa amklinye waze wafa. UPhoswa uthe kuyamangaza ukuthi uNtenza ubengaze adinelwe ukuthi aklinyele umuntu ukufa ngenxa yokuthi ucele ukuphelezelwa.

Uqhube ngokuthi ummangalelwa uzolengiselwa iminyaka emihlanu ngaphandle kodwa ngaleso sikhathi kumele aqinisekise ukuthi akatholwa enecala elifanayo. Unina kamufi uNkk Gida Ndlovu (44) uthe yize njengomndeni iminyaka egwetshwe ummangalelwa beyibona imincane, okubajabulisayo ukuthi ugcine engaphakathi.

“Ngijabula kakhulu ngesinqumo kunokuthi singaphumi nalutho. Siyabonga ukuthi umthetho ugcine uyidlalile indawo yayo. Sengizokwazi ukulala ngithi zwi ebusuku futhi sengizokwazi ukuvula ikhasi elisha empilweni yami.” kuphetha uNdlovu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.