Kuvaleliswe othisha abayizingqweqwe

2015-06-11 06:01
ISITHOMBE:nokulunga ngobee

UNkk Nelisiwe Mdlozini Nene noNkk Pauline Dladla abebevaleliswa eRussell Junior Primary ngeledlule.

ISITHOMBE:nokulunga ngobee UNkk Nelisiwe Mdlozini Nene noNkk Pauline Dladla abebevaleliswa eRussell Junior Primary ngeledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OTHISHA ababili abebevaleliswa eRussell Primary ngoLwesihlanu emva kokuthatha umhlalaphansi bakhuthaze labo abangena emkhakheni wobuthisha ukuba bangabheki inzuzo kodwa babe nothando lomsebenzi.

Lezi zingqweqwe zothisha ezingo Nkk Nelisiwe Mdlozini-Nene no Nkk Pauline Dladla zikhale ngokuthi kunezinkinga eziningi ezikoleni ngoba othisha abaningi abasebasha abasangeni kulo mkhakha ngenxa yothando nesineke.

Bathe laba othisha abasha bangena ngenxa yokuthi babheke inzuzo.

UNene ubesefundise kulesi sikole iminyaka engu-38 kanti uDladla ubesefundise iminyaka engu-41. Ekhuluma nephephandaba i-Echo uNene uthe ufike kulesi sikole ngo-1977 ngaphansi kohulumeni wobandlululo kusanesakhiwo esisodwa, kodwa ngenxa yothando lo msebenzi wabekezela. Uthe yize esethatha umhlalaphansi uzobakhumbula kakhulu abafundi bakhe besigaba sesibili (Grade 2) nokubambisana okuhle abenabo nozakwabo.

Eyala abasafuna ukungena kulo mkhakha uthe: “Ayikho into edlula uthando lo msebenzi nokubekezela. Singene kulo mkhakha ngoba sinothando lo msebenzi singabhekile inzuzo, yingakho sikwazile ukubekezelela zonke izivunguvungu. Ukuba uthisha kudinga isineke nokubekezela njengoba kunomsebenzi omningi, odinga uhlale uzilunguselele.

“Kukho konke, kumele balalele labo abangaphambili kwabo ngoba indlela ibuzwa kwabaphambili.”

UDladla uthe ufike kulesi sikole ngo-1971 kusenzima kakhulu njengoba kwakuhlanganiswa amakilasi, kepha ngenxa yothando lo msebenzi wabekezela kwaze kwafika isikhathi sokuthatha umhlalaphansi.

“Ukuba uthisha kungaphezulu kokuba umsebenzi ozowuholela zinyanga zonke. Kudinga uthando nokuzinikela njengoba usuke ufundisa izingane ezihlukahlukene, eziqhamuka ngaphansi kwezimo ezihlukene.

“Kumele ube umuntu okwazi ukubekezela njengoba minyaka yonke kuhlale kuba nezinguquko ohlelweni okufundwa ngalo. Kumele ube nothando lwezingane, nomsebenzi ngoba ngaphandle kwakho, akukho okulungayo,” kusho uDladla, ophinde waphonsa inselelo eMnyangweni wezeMfundo ukuba wehlise ekutheni othisha banikwe imiqingo yamaphepha, kodwa kugxilwe ekubhekelelweni nezidingo ezithinta abafundi ngqo.

Uthishanhloko wesikole uNks Thandiwe Mkhize uchaze labo thisha njengojikelele abebengena khaxa kuyo yonke imikhakha

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.