Kuxwayiswa imiphakathi ngamavideo adicilela isithunzi

2015-06-11 06:00

OKHULUMELA amaphoyisa ePlessislaer uKapteni Musa Ntombela usehlabe ikhwelo emiphakathini ukuba iyeke ukuqopha bese isabalalisa imifanekiso edicilela phansi isithunzi ezinkundleni zokuxhumana.

Lokhu ukusho emva kokusatshalaliswa kwe-video yentombazanyana elinganiselwa eminyakeni engu-15 yasendaweni yaseMaswazini e-Elandskop, ebonakala iqhutshwa amalungu omphakathi ihambaze.

Le ntombazanyana esolwa ngokwenza ucansi nomfana wendawo emzini womuntu engekho ibonakala iqhutshwa amalungu omphakathi ngemuva, namanye ehamba phambi kwayo eqopha lesi gameko.

Yize kungezwakali kahle, kodwa ayezwakala amanye amalungu omphakathi eyibuza ukuthi eyakuphi futhi yenzeni.

UKapteni Ntombela uthe yize lingekho icala elivuliwe ngalesi sogameko, amalunga omphakathi ayanxuswa ukuba ayeke ukudicilela isithunzi sabanye ezinkundleni zokuxhumana, ngoba bangazithola sebefakwe amacala okusabalalisa izithombe zocansi.

Ilungu lomphakathi elikhulume nephephandaba i-Echo kepha elingathandanga ukudalulwa lithe lesi sigameko senzeke ngeledlule, lapho le ntombazane nomfana wendawo bengene emzini womuntu obuvuliwe, kungekho muntu, othe uma ebuya wazithela kubona. Lo owesilisa ukwazile ukubaleka. Uthe yize intombazane ibe sephutheni, amanye amalunga omphakathi awasijabulelanga lesi senzo, ikakhulukazi ngoba abanye abebeqopha ivideo bangaba abazali kule ntombazane.

Usihlalo wenhlangano evikela amalungelo abantwana ebizwa nge–International Society for the Prevention of Child Abuse and Neglect uNksz Joan van Niekerk uthe: “Njengenhlangano evikela amalungelo ezingane zishaqekile kakhulu ngale senzo sobulwane. Amalungu omphakathi abeqopha le video kumele azi ukuthi icala leli njengoba bengatholakala necala lokugcina imifanekiso yocansi olwenziwa izingane (child pornography).

“Noma ngabe kuthiwa laba bobabili bangene emzini womuntu ngaphandle kwemvume, ukumehlisa isithunzi emphakathini bekungeyona indlela yokulungisa isimo. Uma ngabe bebengene emzini womuntu ngokungemthetho, bekumele umnikazi amnike ithuba lokuba agqoke amhambise emaphoyiseni ukuze kube yiwona abhekana naye.

“Lo mntwana kuzomele athole ukululekwa njengoba ehlukumezeke kakhulu ngokwengqondo. Zikhona izinhlangano ezinjengoChildline ezibhekelele ukuvikela amalungelo ezingane.”

Ikhansela lakwa ward 8 uMnu Bethwell Ngcobo uthe uyazi ngalesi sigameko futhi kuhlelwe ukuthi kube nomhlangano nemindeni ethintekayo ngempelasonto.

“Ngidumele kakhulu ngalesi sigameko, ngiyanxusa ukuba abantu bawuyeke lo mkhuba wokuqopha amavideo afuze lawa. Lobu ubulwane obuphindiwe futhi abamukelekile.

“Sizozama ukuthi leli vangeli silishumayele nasemihlanganweni yomphakathi,”kusho uNgcobo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.