Kuzohlonishwa ugogo ka Obama kuma Satma

2015-09-10 06:00
UMengameli waseMelika uBarack Obama nogogo wakhe uNkk Sarah Obama okulindeleke ukuba ahlonishwe emcimbini          wamaSatma akulo nyaka.

ISITHOMBE:sithunyelwe

UMengameli waseMelika uBarack Obama nogogo wakhe uNkk Sarah Obama okulindeleke ukuba ahlonishwe emcimbini wamaSatma akulo nyaka. ISITHOMBE:sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AZOHLANGANISA izicukuthwane zamazwe ahlukene okubalwa kuzo nogogo kaMongameli waseMelika uBarack Obama, uNkk Sarah Obam, amaSouth African Traditional Music Awards (Satma).

Lo mcimbi okulindeleke ukuba ube sezingeni eliphezulu njengoba kuzobe kugujwa iminyaka eyishumi le miklomelo yasungulwa, uzokwenziwa eKing Bhekizulu hall eNyuvesi yasoNgoye ngomhlaka 2 no 3 kuMfumfu (October).

Phakathi kwezinye izicukuthwane ezilindelekile kubalwa indodakazi yalowo owayengumongameli waseGhana uKwame Nkrumah , uNksz Samia Nkrumah nendodakazi kaMalcom X, uNksz El-Hajj Malik el- Shabazz.

Okhulumela amaSatma awards uNksz Mbali Khanyile uthe ugogo ka-Obama uzohlonishwa ngeqhaza alibambayo ezweni laseKenya ukuthuthukisa izimpilo zabantu, ikakhulukazi abantwana abancane.

“Amadodakazi kaMalcom X noKwame Nkrumah azobe emele abazali bawo abadlala indima enkulu ekuletheni inkululeko ezweni lase-Afrika,” kusho uMbali.

Phambilini le miklomelo isike yahlonipha uMalcom X, Dr Martin Luther King Jr, Rev Jesse Jackson, Mahatma Gandhi, Steve Biko, OR Tambo, Inkosi Albert Luthuli, Kwame Nkrumah nabanye.

Kulo mcimbi owenziwe ngokuhlanganyela umasipala waseMhlathuze, owasoThungulu, namaSatma, ihhovisi elibhekele ezabesifazane ngaphansi kwehhovisi likaNdunankulu lizoba nesidlo sasebusuku ukuhlonipha lezi zivakashi. Ngomhlaka 2 kuzoba namahlaya nomculo wesintu, besekuthi ngomhlaka 3 kube nomcimbi ozobe uhlanganise nezinhlobo ezihlukene zomculo.

“Njengoba kuzobe kuhlangene amazwe ngamazwe, lokhu kuzosiza nasekuthuthukiseni umnotho walesi sifundazwe njengoba kulindeleke izinkumbi zabantu,” kusho yena uKhanyile.

Abantu abalindeleke ukuba bahambele lo mcimbi babalelwa ku-20 000

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.