Kwesulwe izinyembezi kwabase Richmond

2015-07-30 06:00
ISITHOMBE:sithunyelwe

UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal uCryil Xaba, Inkosi Phathisizwe Sithole, uMnu Maurice Makhathini, iPhini likaNgqongqoshe loMnyango wezokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya nokuBuyisw

ISITHOMBE:sithunyelwe UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal uCryil Xaba, Inkosi Phathisizwe Sithole, uMnu Maurice Makhathini, iPhini likaNgqongqoshe loMnyango wezokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya nokuBuyisw

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSULWE izinyembezi zeminyaka emphakathini wakwa Nodunga naseMkhuzane endaweni yase-Richmond emva kokuba usayine isivumelwano sezigidi zamarandi sokuqashiswa komhlaba wabo enkampanini yezamahlathi uMondi ngeledlule.

Le miphakathi isayine lesivumelwano njengenxenye yesinxephezelo emva kokuba sekuphele iminyaka engaphezu kweshumi yafaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba wayo.

Umphakathi waseMkhuzane usayine isivumelwano sika R26 million esizosiza imindeni engu-247, owakwa Nodanga usayine isivumelwano sika R7.4 million esizosiza imindeni engu-376.

Phezu kwalokho bazolekelelwa ile nkampani ekubacushiseni ukuthi bangaziqalela kanjani izinkampani zabo zamahlathi. baphinde bafundiswe ngendlela yokuzithuthukisa kwezamabhizinisi. Yomibili lemi phakathi isayine lezi zivumelwano ngaphansi kohlelo loMnyango wokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya nokuBuyiswa koMhlaba.

Ekhuluma emcimbini wokusayinwa kwalesi sivumelwano eGolden Horse, uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kwemiPhakathi yaseMakhaya uCyril Xaba uthe kubalulekile ukubambisana kwezinhlaka ezihlukene ukuze kuthuthukiswe imiphakathi yasemakhaya.

Uthe: “Lena ingqophamlando njengoba isikhondlakhondla senkampani yezamahlathi izoqasha enye ingxenye yomhlaba kule miphakathi. Ezamahlathi zibalulekile kakhulu kulesi sifundazwe, ngakho umbimbi olunje into esiyikhuthazayo.”

Iphini likaNgqongqoshe kazwelonke woMnyango wezokuThuthukiswa kwemiPhakathi yasemaKhaya nokuBuyiswa komhlaba uCandith Mashego-Dlamini uthe lesi sivumelwano senzeke kahle ngenkathi leli zwe ligubha iminyaka engama-60 e-Freedom Charter.

“Izwe laseNingizimu Afrika elawo wonke umuntu ohlala kulo, ngakho kubalulekile ukuthi kube nezinhlelo zokunxephezela labo abebezithola beyizisulu zokuhlukumezeka ngenxa yokuphucwa imihlaba yabo.

“Njengohulumeni sibheka izindlela okungathuthukiswa ngayo izimpilo zabantu basezindaweni zasemakhaya lapho isibalo sabantu abangasebenzi siphezulu kakhulu.

“Le miphakathi izobe ithola imali yokuqashisa umhlaba wayo, esithemba ukuthi izoyisebenzisa ngendlela efanele ukuzisungulela amabhizinisi ayo amahlathi. Lesi sivumelwano sizoqhubeka iminyaka eyishumi futhi imiphakathi izozuza lukhulu njengoba bezofundiswa ngokusungula amabhizinisi baphinde banikwe nemifundaze yokufunda ngezamahlathi.”

Umqondisi omkhulu kwa-Land Claims Commission u-Advocate Bheki Mbili uthe kusukela lolu hlelo lokubuyiselwa kwemihlaba lwaqala, abantu abaningi bakhetha isinxephezelo semali kunesinxephezelo somhlaba.

Uphethe ngokuthi kulindeleke ukuthi zonke izicelo zokubuyiswa komhlaba zibe sezibuyekeziwe ngo Nhlangulana (June) 2019

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.