Luzokwenza ushintsho uqeqesho embonini yamatekisi

2015-08-13 06:00

UKUQEQESHWA kosomatekisi emva kokuba sekuhlelwe amahhovisi lapho kwenzeka khona kungekude nje, kubhekeke ukuthi kushintshe indlela yokwenza kubashayeli bamatekisi.

Lokuqeqeshwa kuzophinde kwenze abagibeli bazizwe bephephile uma besebenzisa lezi zithuthi zomphakathi.

Lokhu kuvezwe usihlalo woMgungundlovu Taxi Association, uMnu Bheki Sokhela, lapho echaza ukuthi bona njengemboni yamatekisi ngabe yini abayibheke ukuthi lolu qeqesho ilwenze kule mboni.

Etshele i-Echo ukuthi into abantu abangayazi ukuthi uhlelo lokuhlomulisa abasebenzi bamatekisi into engaqali manje njengoba kuyinto ebivele ikhona kodwa ixhaswe inkampani yezimoto i-Toyota. Uthe indlela lokhu obekwenzeka ngayo bekuye kunyonyobelwe umshayeli, kube nabantu abazofana nabaseshi abayimfihlo abamlandelayo bebheka ukuthi ngabe ubaphatha kanjani abagibeli kanye nje nokuziphatha kwakhe uma esuke esemsebenzini.

“Lokhu bekuye kwenzeke uthole ukuthi loyo mshayeli akazi ukuthi kunabantu abamhleli izithende uma esuke esebenza. Uma-ke loyo mshayeli eye wakugcwalisa konke okudingekayo ubeye ahlomuliswe ngomklomelo omkhulu. Uma-ke sibheka kulolu qeqesho esinalo njengamanje, sibheke ukuthi lwenze olukhulu ushintso ezimpilweni zabo abashayeli kanye nabagibeli.

“Lapha sibala impatho, indlela yokukhuluma nangendlela nje umshayeli aphatha ngayo umsebenzi. Okunye okuhle kakhulu ukuthi nabanikazi bawo amatekisi nabo bazoba ingxenye yalo lolu qeqesho,” kusho uSokhela.

Uqhube wathi lolu qeqesho luzophinde lenze umsebenzi ukuthi ubaluleke kakhulu kubashayeli.

“Silwa nokuqeda ukuthi abashayeli bamatekisi bathi basabambile uma besemsebenzini,” kusho yena.

“Lokhu sikuqeda kanjani na, sikuqeda ngokuthi kwenziwe kube umgomo ukuthi umshayeli wetekisi uthola isitifiketi sokuthi uqeqeshiwe ukuthi abe ngumshayli wetekisi?

“Uzonikezwa isitifiketi umshayeli esizobe siveza ngokusobala ukuthi uqeqeshiwe ukuthi abe ngumshayeli wetekisi futhi aphinde abe semgwaqeni. Kanjalo nabanikazi bamatekisi nabo bazocijwa ukuthi bazi kabanzi ngebhizinisi. Singakusho nje singananazi ukuthi ngalolu qeqesho kuzovuleka imiqondo kuphinde kusebenzeke ngendlela okumele ukuthi kusetshenzwe ngayo. Kuzothi-ke uma konke sekumi ngomumo ukuthi kuqale uqeqesho, bonke ososeshini bese beyaqala emahhovisi azobe eqokwe ososeshini babo ukuthi kusetshenzelwe kuwona.

“Sijabule kakhulu ngalolu qeqesho futhi silubheke ngamehlo abomvu ukuthi luzofika noshintsho olukhulu futhi nabagibeli bethu bazozizwa bemukelekile futhi behloniphekile ukusebenzisa amatekisi,”

Uphinde wanxusa abanikazi bamatekisi ukuthi bavumele abashayeli ukuthi baye oqeqeshweni. Wabuye wathi bazohlanganisa amakhanda ukuqinisekisa okukho ukuphazamiseka

“Uzonikezwa isitifiketi umshayeli esizobe siveza ngokusobala ukuthi uqeqeshiwe ukuthi abe ngumshayeli wetekisi futhi aphinde abe semgwaqeni. Kanjalo nabanikazi bamatekisi nabo bazocijwa ukuthi bazi kabanzi ngebhizinisi,” kusho usihlalo woMgungundlovu Taxi Association uBheki Sokhela

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Hip Cape Town bars to discover this summer
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.