Sekumi ngomumo koWomhlanga

2015-09-03 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

UNksz Nqobile Mtolo uthi uyaziqhenya ngobuntombi nto bakhe.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE UNksz Nqobile Mtolo uthi uyaziqhenya ngobuntombi nto bakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KONKE sukumi ngomumo mayelana nohambo olubheke ku Umkhosi Womhlanga oba njalo minyaka yonke esigodlweni senkosi yaMaZulu Inkosi uZwelithini Zulu Enyokeni KwaNongoma.

Omasipala bebonke abahlukahlukene bahlelelwe amabhasi okuhamba angu 209 namatekisi angu 26 okuyiwona azokwazi ukuthutha izintombi nto lapho zizobe sezilibhekise kulo mcimbi wazo omkhulukazi ozoba ngoLwesine noLwesihlanu. Kulo nyaka kuhlelwe ukuthi lezo zintombi nto ezingafundi kube yizona ezizoqala kuqala ukuhambisa umhlanga wazo kwiSilo SamaBandla ngoLwesihlanu kuzobe sekulandela ezinye izintombi ngosuku lwangoMgqibelo. Emva kwalokho ngoMgqibelo uNgangezwe uyobe esethula inkulumo yakhe.

Ukuthola kabanzi mayelana nesasasa nokwenziwayo uma ngabe izintombi zisuke ziyohlolwa intombi nto uNksz Nqobile Mtolo (21) wakwaMafunze uthe ukuhlolwa kuyena kuyinto azigqajayo ngayo futhi akanamahloni. UMtolo ungomunye wezintombi nto ezikade zihlangene endaweni yakwa Mafunze lapho bekuyohlolwa khona izintombi nto ngenyanga edlule. Lo mfundi ofundela ubuhlengikazi uthe umile ekutheni yena akekho oyothinta owakhe umzimba ngaphambi kokuba emfake indandatho.

“Kulapho ke umuntu wesilisa oyongishada ayobe esethola khona ukuthi akwazi ukuthi athathe obami ubuntombi. Okwamanje ngilunge ngiyintombi nto kodwa engabasabi abafana ngoba ngingumngani nabo. Kumina njengomuntu omusha kubalulekile ukuthi ngizigqaje futhi ngiziqhenye ngomzimba wami. Akekho umuntu owangiphoqa noma owakufaka mqondweni wami ukuthi kumele ngihlolwe. Kwaba ukuthanda kwami futhi anginazikhalazo ngalokhu engakukhetha ngaphinde ngakwenza,” esho uMtolo.

Uthe yize kulokhu engeke aze aphumelele ukuya Enyokeni kodwa ufisela ezinye izintombi ezihambayo uhambo oluhle futhi oluphephile. Le ntokazi iphinde yachaza ngendlela ukuhlolwa kwabo okwenziwa ngayo.

“Sihlolwa njalo ngesonto lokuqala enyangeni. Kuyinto esesiyijwayele futhi esingayixwayi. Mina kungisize kakhulu ukuhlowa ubuntombi bami. Kungenze ngaqhelelana nezindawo ezingalungile futhi kungihlehlisile nasezintweni eziholela ezilingweni... Kungiqoqile kwaphinda kwanginikeza nesimilo ngiwumuntu omusha,” usho kanjalo.

Kuphinde kwaqinisekiswa ukuthi ezokuphepha zizobe ziqinile Enyokeni lapho kuzobe kukhona izintombi. Amaphoyisa nawo azobe ehlome eyizingovolo ukuqapha ukuthi abekho yini abazobe bephuze amponjwana. Zizobe zikhona nezifutho ukuqinisekisa ukuthi abazobe bekulo mcimbi bayafuthiswa ukubhekwa ukuthi ngabe abaphuzile yini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.