Sisinde ngokulambisa isilomo somculo

2015-07-02 06:01
ISITHOMBE: Inqolobane ye-echo archives

Umculi wejazz Zazi Mncube okumanje usesibhedlela udubuleke eduze kwesinqe la athe inhlamvu ishaye yabe isibambeka khona ekugcineni komgogodla.

ISITHOMBE: Inqolobane ye-echo archives Umculi wejazz Zazi Mncube okumanje usesibhedlela udubuleke eduze kwesinqe la athe inhlamvu ishaye yabe isibambeka khona ekugcineni komgogodla.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SISINDE ngokulambisa isilomo somculo wejazz esaziwayo eMgungundlovu Zazi Mncube esidutshulwe amahlandla amabili abalisa abane ngoLwesithathu olwedlule ebusuku.

UMncube okumanje usesibhedlela, udubuleke eduze kwesinqe la athe inhlamvu ishaye yabe isibambeka khona ekugcineni komgogodla. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuhambe ugesi eNhlazatshe.

Sichaza lesi silomo ngokulimala kwaso, kuhamba ugesi besiseDraaihoek lapho okuhlala khona izinsimbi zaso zokudlala futhi okuyindawo engakude kakhulu nekhaya lakhe. Ekhuluma ne-Echo elele embhedeni esibhedlela i-Edendale uMncube uthe uyakholelwa ukuthi abantu abamdubulile abantu okungenzeka ukuthi abebevele bemlandela. Yize ethe uyasinda futhi uyalulama kodwa uthe okwamanje usenkingeni yokuthi imizwa yakhe ngezansi kwesinqe lapho eduthsulwe khona ayikho.

“Indawo ebengisuka kuyona ayikude kakhulu nasekhaya lapho ngihlala khona. Ngisuke sekumnyama ngoba nogesi ubuhambile. Ngithe nje sengiseduzane nasekhaya kwavele kwavumbuka abalisa abane abavele baqhamuka ngingazelele. Oyedwa wabo ungikhombe ngesibhamu engitshela ukuthi angikhiphe ifoni. Ngithe ngisazama ukuthi ngikhuluma naye naye ngikhipha ifoni leyo wahlohla isibhamu wabe esedubula. Ngenhlanhla uthe edubula inhlamvu yokuqala yengigeja kodwa eyesibili ivele yangidubula eduzane nesinqe ekugcineni komgongodla. Emva kwalokho ngiwile nokuthe uma bebona lokho baqhubeka bafuna isikhwama semali bangikhumula nezicathulo.Kusize ukuthi kuqhamuke intombazane engicabanga ukuthi ibidlula babaleka nayo futhi ebalekile,” kusho yena.

Uqhube wathi uzamile ukuvuka kodwa ngenxa yokuthi ubemanzi te ngoba udubuleka wawela exhaphozini kube nzima ukusukuma.

“Nokudubuleka nakho kwenze ukuthi ngiphelelwe amandla ngoba bengopha. Ngibonwe omakhelwane abaseduzane nendawo yesehlakalo ngoba bayangazi. Ngicela bangifake endlini bangimbathise ngoba bengigodola ngiphelewe amandla engekho. Sishayele i-ambulense ucingo kodwa kwayithatha isikhathi esingangamahora amabili ngaphambi kokuthi ifike. Ngize ngasizwa imoto ethwala izidumbu kuqala ngoba i-ambulensi ingafiki. Ifike yona sengothole usizo lokuqala kubantu abebehamba ngemoto yezidumbu esihlangane nayo ngesikhathi bezama ukungiphuthumisa esibhedlela,” kubeka uMncube.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekuyihlandla lesibili lo mculi ehlangabezana nesehlakalo sokubanjwa inkunzi. Kuwo lonyaka uqala kwangena umlisa ebusuku elele wantshontsha isikhwama sakhe semali. Lo mlisa wakwazi ukuntshontsha imali wabe esejikijela isikhwama salo mculi ngaphakathi egcekeni. Uthe akaneme ngokuhudula izinyawo kwamaphoyisa ashayelwa ucingo ngelanga lwesehlakalo kodwa awangabonwa.

“Kumanje angivule cala ngoba amaphoyisa awazange afike yize ayeshayelwe ucingo. Ngifisa ukudlulisa umyalezo kuwona ukuthi siyacela ukuthi noma iluphi udaba olusuke lubikwa umuntu aluthathele phezulu futhi asebenzisane nomphakathi,” kuzikhalela uMncube.

Kunohide lwamakhonsathi nefestivali uMncube obekufanele adlale kuwo kodwa akwaziwa ukuthi uzokwenze njani njengoba engakaphumi ngisho esibhedlela nje

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.