TALKING FOOTBALL

2015-08-06 06:00

KUSEKUDE phambili. Ubandlululo lwashaya kwazwela kwiningi kuleli zwe. Ngisho nalabo ababesekudingisweni belwa impi yenkululeko abasindanga kulesi sifo esibizwa ngobandlululo.

Phela lesi sifo sibi kakhulu ngoba sikhubaza ingqondo. Uma ubuka umdlalo webhola kuleli zwe, abengabadi abanazwi. Izintambo zisezandleni zabokufika. Amandla bawanikwa abaholi abansundu. Isizathu ingoba singenakho ukuzethemba njengesizwe. Ngenxa yalesi simo kunquma abokufika ukuthi kumele udlalwe kanjani lo mdlalo. Lokhu kwenziwa ukuthi yize sithi siphethe siyabusa kodwa imiqondo yethu isalimele. Kulesi sifundazwe sekuphethe amaqadasi okufika. Iwona anqumayo, asho ukuthi izinto zizohamba kanjani. Isimo sokuthanda imali eza kalula senza abantu bakithi bathengise nangezithunzi zabo. Kuyasilimaza futhi ukubuka izinto ngamehlo asentshonalanga. Sinokucabanga ukuthi ubuhle busho ukufana nokwenza njengabaseNtshonalanga.

Emasontweni ambalwa edlule ngike ngathi xhinti kwelinye lamazwe asentshonalanga. Ngichithe isikhathi esiningi ngibuka ngicwaninga ukuphathwa nokuqeqeshwa komdlalo webhola. Ngingasho ngingananazi ukuthi ithalente (iziphiwo) zabadlali abancane balelizwe – Ningizimu Afrika, zinkulu ngendlela eyisimanga. Inkinga enkulu ilele ekukhulisweni kwalesi sipho. Uma kuqhutshekwa nokusebenzisa izindlela zabokufika, leli thalente lizoqhubeka nokuba lingakhuli. Lokhu singakufanisa nokulapha inhliziyo ngamakhambi esisu. Izwe lakithi lidinga abaholi abazaziyo ukuthi bangobani, Kunokudideka okukhulu ngenxa yesimo sokungazazi. Kulichilo ukuthi umuntu wokufika ongakwazi ngisho ukukhuluma izilimi zethu, ongazi imikhuba namasiko ethu athi wazi konke ngathi. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi izwe lethu linenkinga yobuholi. Intsha yakwaZulu-Natal ayifani namaPutukezi, amaNgisi nabakoGhana njalonjalo. Izinhlaka zoqeqesho eziyingxenye yebhola lesifundazwe ngisho KwaZulu-Natal azisenazwi ekulawuleni uqeqesho nokuthuthukiswa kwamakhono. Lesi simo asisihle ngoba kuyo yonke le minyaka besithembele kubona laba bantu.

Isisho sesintu sithi ungasingcolisi isihlahla ngoba uyophinde ufune umthunzi kuso. Uma sisezikhundleni siphethe nezimali siyaye sicabange ukuthi abebala abangenza imisebenzi yethu kangcono. Sikukhonzile ukuba izikhulu eziqashe abebala kungakhathalekile ukuthi isizwe sizuza kangakanani. Abadlali abanekhono bazophelela ematshwaleni ngenxa yokubandlulwa izinkolelo nezindlela zokusebenza zabokufika. Ukungazi kufana nokungaboni. Soyicela ivuthiwe! Unzima lo mthwalo owathweswa izingqondo zethu!

Emasontweni ambalwa edlule ngike ngathi xhinti kwelinye lamazwe asentshonalanga. Ngichithe isikhathi esiningi ngibuka ngicwaninga ukuphathwa nokuqeqeshwa komdlalo webhola. Ngingasho ngingananazi ukuthi ithalente (iziphiwo) zabadlali abancane balelizwe – Ningizimu Afrika, zinkulu ngendlela eyisimanga. Inkinga enkulu ilele ekukhulisweni kwalesi sipho. Uma kuqhutshekwa nokusebenzisa izindlela zabokufika, leli thalente lizoqhubeka nokuba lingakhuli. Lokhu singakufanisa nokulapha inhliziyo ngamakhambi esisu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.