LOYO osanda kumenyezelwa njengomqeqeshi weMaritzburg United uMandla Ncikazi uyavuma ukuthi ukuthatha lapho kushiye khona uSteve Komphela kuzoba yinselelo wathi kodwa uzimisele ukusebenza kanzima.
Into ekade ilokhu ibuzwa ngaphansi kwamatafula ngesikhathi uNcikazi emenyezelwa ukuthi kaze uzokwazi yini ukuhlanganisa izinto emva kokuthi abadlali abayisishiyagalombili beshiyile eqenjini noma-ke abanye babo babuyele emaqenjini abo amadala ngoba phela bebebolekiwe.
Abanye babadlali abakade bebambe iqhaza elikhulu ngesizini edlule futhi nabadlale indima enkulu ngaphansi kukaKomphela abadlali basemuva oKwanda Mngonyama no-Abel Mabaso ababuyele kwiMamelodi Sundowns.
Ngaphansi kukaKomphela iTeam of Choice ikwazile ukuqeda namanye ayisishiyagalombili aphezulu, okube umlando weminyaka eqenjini.
“Ithuba lokuqeqesha iqembu engilinikwe usihlalo weqembu uFarouk Kadodia angikalikholwa futhi ngiyabonga kakhulu. Phela selokhu ngaqala ukuqeqesha kuyaqala ukwenzeka lokhu empilweni yami. Phela iningi lamaqembu engisebenze kuwona bengiba umsizi womqeqeshi (assistant). So ja kuzoba yinselelo enkulu,” kusho uNcikazi obengumsizi kaKomphela kuleli qembu. Noma ukuba yikhanda labaqeqeshi (head coach) kuzoza nezingqinamba nezinselelo eziningi uNcikazi uthi yena akasabi.
“Ukusebenza noKomphela kungifundise okuningi kanti nokuba yisekela lomqeqeshi isikhathi eside kungibonise kwangifundisa izinto eziningi. Ngiyabathemba abasizi bami engizosebenza nabo njengoFadlu Davids, ngiyabathemba futhi sizoyiqhuba inqola,” kusho uNcikazi.
Usihlalo weTeam of Choice uFarouk Kadodia uthi umqeqeshi omusha ubhekeke ukuba aqhubeke nevangeli noma inqubo eyatshalwa uKomphela, uma kwenzeka kubenenkomishi eza eMphithi.
“Singajabula ukumbona eqhubeka nomsebenzi omuhle owaqalwa uSteve Komphela. Ngesizini edlule sikwazile ukubambelela nokuqeda kwitop 8 nesingakuthanda ukukubona kwenzeka futhi. Kanti nelinye iphupho lethu esingalithanda lifezeka ukuwina indebe ngelinye ilanga. Kodwa-ke mangisho ukuthi asifuni ukubona uNcikazi esebenze ngaphansi kwengcindezi.
“Sizomsiza ngayoyonke indlela ukuze umsebenzi ohambe kalula.”