UNjilo uhlale elindele ukusiza

2015-05-07 06:00

MHLELI: Akuve kubuhlungu ukuhanjelwa izingane zakho zonke kuze kungenele nakubazukulu bakho. Lapha ngikhuluma ngobuhlungu obuziwe udadewabo omncane kamama wami uSibongile odume ngelika Sbobobo endaweni yakwaDambuza kwaShwi, bude buduze nomuzi weqhawe uHarry Gwala.

Phela lapha ubefihla indodakazi yakhe yokugcina isisele uThembelihle emasontweni ambalwa adlule. Ngaphambi kokuba sivale unyaka odlule sasifihla umzukulu wakhe owadutshulwa iphoyisa lakuLoop Street emakethe kwase kuthuleka kanjalo ngoba sezwa kuthiwa wayezama ‘ukubamba inkunzi’ kodwa amaphoyisa asaphenya.

Kwahlula noma sesiya khona sozibuzela ngokuqhubekayo satshelwa ukuthi sizothintwa amaphoyisa aseThekwini aphenya ngezenzo zamaphoyisa. Kuze kube inamhlanje awakaze abuyele kuthina. Angikho-ke lapho kodwa lapho ngikhona izenzo zomakhelwane bakhe abazenza kuyona yomibili imingcwabo engihlaba umxhwele.

Kuyajabulisa ukuthi kusenomakhelwane abasadla ngoludala lapho kuthi ma kudlule khona umakhelwane banikele noma ingani abanganikela ngayo, ngisho nangesikhathi sabo uqobo.

Ungeke usho ukuthi indawo yakwaShwi isunguleke manje emva kwenkululeko kodwa ungafunga ukuthi kade bazana kuloya mphakathi. Izenzo zabo zimenze waduduzeka kakhulu umama wami omncane wazibona ukuthi akasele yedwa ngampela kuleya ndawo. Ngithe ngimvakashele washo wathi ‘mfana kasisi bengingazi mina ukuthi abantu bakule ndawo kanti bangithanda kangaka ngoba esikhathini esiningi ngihlala emsebenzini’.

Angijwayele nokuhamba imihlangano yalapha kodwa bangisule izinyembezi. Ngifisa le nto enhle abayenze kumndeni wakithi enhle kangaka baqhubeke nayo bayenze nakwabanye. Ngifuna ukubalula kakhulu umama uMrs Zandile Nzimande okunguyena obebahola phambili ekulekeleleni.Phambili mphakathi waseReggie Hadebe village! Ngizosale sengithatha leli thuba ngibonge bonke abantu baseMphithi kodwa ngiphume iqhubu nabantu baseNhlazatshe (ikakhulukazi uKen Zuma) naseSigingqini (ikakhulukazi uBongani Sibiya) ngokuba nathi ngezikhathi ezinzima esibhekane nazo sidlulelwa izingane zakhe uSbobobo.

Ngingakhohlwa umsizi wabantu abahluphekayo nongumnikazi weNduduzo Funeral uMnu Themba Njilo owasenzela imilingo esixhasa singazange simcele nokumcela futhi naye engasazisanga kodwa ebona isidingo salokho. Sithe sesihleli sesihlaziya umcimbi wonke sabuzana ukuthi kwavelaphi kodwa saze sathola kubasebenzi bakhe ukuthi sanikezelwa umhlonishwa. Isizulu sithi ‘ukwanda kwaliwa umthakathi’.

MFANAFUTHI JIKA PANTSI nzuza

eSigingqini

Ngingakhohlwa umsizi wabantu abahluphekayo nongumnikazi weNduduzo Funeral uMnu Themba Njilo owasenzela imilingo esixhasa singazange simcele nokumcela futhi naye engasazisanga kodwa ebona isidingo salokho. Sithe sesihleli sesihlaziya umcimbi wonke sabuzana ukuthi kwavelaphi kodwa saze sathola kubasebenzi bakhe ukuthi sanikezelwa uye. Ukwanda kwaliwa umthakathi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.