UShintshe kancane uShakes Mashaba elungiselela eyeBafana

2015-10-08 06:00

UMQEQESHI weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba uthe ukushintshashintsha kancane eqenjini lakhe elizodlala umdlalo olandelayo. UMashaba uthi ukubiza noma ukunika abanye abadlali abancane ithuba lokudlala eqenjini lesizwe kwenza isibalo sabadlali okungakhethwa kulona sikhule.

Lo mqeqeshi uthi akukho okusha noma okungase kuxake, kunyuse nezinhlonzo ezweni lonke kodwa ukuvulela amathuba abanye ukuze wonke umdlali osebenza kanzima noma ovelele eqenjini lakhe athole ithuba lokudlalela iqembu lesizwe.

“Akukho okusha noma osekungenza abantu bakhononde noma banyuse izinhlonzo bathi ababoni kahle.

“Kuzokhumbuleka futhi ukuthi ngesikhathi ngibuyela ukuthatha kuleli qembu ngathi noma imuphi umdlali noma olaphi noma owaliphi iqembu uzonikwa ithuba.

“Ngaze ngasho futhi ukuthi ngizosebenzisana namaqembu kanye nabaqeqeshi kanye nePSL ukuze abadlali abazimisele ngokusebenza kanzima nabavelele banikwe ithuba elifanele,”kusho uMashaba.

Ukuhamba emazwini akhe lo mqeqeshi usanda kubiza umdlali we FC Twente wasesiswini uKamohelo Mokotjo kanye nomdlali wasesinxeleni we-Ajax Cape Town

uMosa Lebusa. UMashaba uthi yena akasho ukuthi laba badlali sekuchaza ukuthi sebezodlala noma sebeseqenjini. “Akekho umdlali obekelwe isikhundla eqenjini, wonke umuntu kufanele asebenze kanzima.”

Iqembu likaMashaba liphazanyiswe ukulimala kuka-Oupa Manyisa (Orlando Pirates) noPrince Nxumalo (Ajax Cape Town).

Iqembu laseMzansi lizodlala neCosta Rica namhlanje (ngoLwesine, October 8) ekuhambeni eLiberia eBaltodano Bricenio Stadium. Ngokwesikhathi saseMzansi kuzobe kungoLwesihlanu ngo-4am (October 9).

Kuzothi emva kwezinsuku ezinhlanu iBafana Bafana idlale neHonduras eMetropolitano Stadium in San Pedro Sula. Lo mdlalo-ke wona uyoba phakathi kwamabili ngokwesikhathi saseMzansi.

Selilonke iqembu leBafana Bafana liqokwe kanje:

Ezintini: Jackson Mabokgwane (Mpumalanga Aces FC), Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Ronwen Williams (SuperSport United).

Emumva: Eric Mathoho (Kaizer Chiefs), RivaldoCoetzee (Ajax Cape Town), Thulani Hlatshwayo (Bidvest Wits), Siyabonga Nhlapo (Bidvest Wits), Anele Ngcongca (Racing Genk), Mzikayise Mashaba (Mamelodi Sundowns), Clayton Daniels (SuperSport United), Thabo Matlaba (Orlando Pirates), Mosa Lebusa (Ajax Cape Town).

Esiswini: Dean Furman (SuperSport United), Andile Jali (KV Oostende), Bongani Zungu (Sundowns), Mandla Masango (Randers FC), Jabulani Shongwe (Bidvest Wits), Mpho Makola (Orlando Pirates), Ayanda Patosi (Lokeren), George Lebese (Kaizer Chiefs), Kamohelo Mokotjo (FC Twente)

Phambili: Thulani Serero (Ajax Amsterdam), Thamsanqa Gabuza (Orlando Pirates), Sibusiso Vilakazi (Bidvest Wits), Tokelo Rantie (Bournemouth)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

6 myths about male cancer
Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.