Ubheke kude usomabhizinisi osemncane

2015-04-30 16:43
ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-ECHO

Usomabhizinisi osemncane wase Sobantu uthi intsha ayithi ilinde uhulumeni, kube kukhona ekwenzayo.

ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-ECHO Usomabhizinisi osemncane wase Sobantu uthi intsha ayithi ilinde uhulumeni, kube kukhona ekwenzayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USOMABHIZINISI osemncane waseSobantu uthi intsha ayithi ilinde imisebenzi kuhulumeni ibe iqhamuka nezindlela ezinobuciko zokulwa nobubha isalindile. UNOKULUNGA NGOBESE uxoxisane noMnu Nathi Sibisi osungule inkampani yokuqoqa imfucuza, ukuhlanza izindawo ezingcolile, ukupenda nokwakha imigwaqo.

Leli bhungu elineminyaka engama 22 lisungule iBhovungane Contractors nyakenye emva kokuba lifunde ngezokuphathwa kwamabhizinisi kusomabhizinisi wendawo uMnu Mzabalazo Dlamini okumanje usezinze eGoli.

Ekhuluma ne-Echo uthe ukhethe ukwenza lo msebenzi abaningi abangawubuka njengodelelekile, ngoba ebona igebe ukuthi ababaningi abantu abawenzayo.

Uthe: “Kumanje kunabantu abayisikhombisa abasebenza ngaphansi kwale nkampani okuyibona esigijima nabo ukwenza lo msebenzi. Okwamanje sisebenza kakhulu ezindaweni zalapha eMgungundlovu, amahhovisi kahulumeni namafemu okuyiwona anenkinga kakhulu yokungcola nemfucuza.”

Uthe emva kokuphothula isikole ngo-2013, ube eseba nentshisekelo kwezamabhizinisi, okuyilapho etholane noDlamini okuwuyena obemcushisa ukuthi kwenziwa kanjani.

“Ungifundise ukuthi kubalulekile ukuthi ngithole izindlela zokwenza imali ingisebenzele. Ngibe sengiqala ngithatha izifundo zokuhweba (online trading), engigcine sengikwenza sengifundisa nabanye. Emva kokuzwa kaningana uhulumeni ethi akhona amathuba futhi uyafisa ukusebenzisana nentsha, ngicabange ukusungula le nkampani ngonyaka odlule. Uma sibhekisisa akuyona kuphela imisebenzi lapho osuke ugqoke uthayi engenisa imali, kodwa le misebenzi edelelekile iyona esematheni kulezi zinsuku. Ziningi izindawo ezingcolile, ziningi izakhiwo zahulumeni ezidinga ukupendwa futhi miningi imigwaqo eyakhiwayo. Ngibe sengisebenzisa leli thuba ukuvala leli gebe,” kuqhuba leli bhungu lakwaSibisi.

Ukugcizelele ukuthi njengoba esengumuntu omusha, baningi abamlekeleleyo ukuze ukhule umsebenzi wakhe okungabalwa uMbhishobhi uVusi Dube noSthembile Vilakazi okuwuyena owengamele inkampani. Uthe yize enaleli bhizinisi, uhlele ukuqhubeka nokufunda, enze izifundo ezimfishane kwezamabhizinisi, njengoba ekholelwa ukuthi asikho isikhali sokulwa nobubha esidlula imfundo.

“Iphupho lami ukubona leli bhizinisi lidlondlobala sengikwazi nokusungula inhlangano engaxhasiwe uhulumeni (NGO) ezobe ibhekelele nokuqeqesha intsha kwezamabhizinisi. Esikhathini samanje imisebenzi ayisekho, futhi uhulumeni ngeke akwenze konke. Intsha ayithi ilindile uxhaso kuhulumeni, kube kukhona izindlela ezintsha ezinobuciko ezobe izisebenzisa ukulwa nobubha. Phezu kwakho konke, ingakhohlwa ukuthi imfundo ibalulekile,” kusho yena

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.