Udinga usizo oqoqa abahlala emgwaqeni

2015-06-11 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese

UNksz Nunu Mjwara enabanye babantwana ahlala nabo abaqoqe emgwaqeni.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese UNksz Nunu Mjwara enabanye babantwana ahlala nabo abaqoqe emgwaqeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE wase-Unit 14 eMbali onothando lokuqoqa abantwana abahlala emgwaqweni ufisa ukuthola usizo ngokwakhelwa ikhaya labo angabagcina kulona.

UNksz Nunu Mjwara ongumsunguli wenhlangano engabheke nzuzo ebizwa ngeSophumelela Club uhlala nabantwana abangu-14, abaneminyaka esukela kwemine kuya ku-16 emzini wakhe womxhaso onamagumbi amathathu.

Uthi njengomuntu obephila ngokudayisa insipho nopholishi azenzela wona ngezandla emgwaqweni, uqale ukuqoqa abantwana abahlala emgwaqeni ngo-2010 ngoba kungamthokozisi ukubona izimo abaqhamuka kuzona.

UMjwara uthe yize ebengenalutho naye ephaketheni ukhethe ukuba ahlale nabo, abakhulise ngayo le madlalana abeyithola ngokudayisa. Yize efisa ukuthi bafunde isikole, uthi inkinga enkulu ibe nokungalutholi usizo kosonhlalakahle bendawo, osekulokhu bathembisa ngo-2010 ukuthi bazomsiza ngezitifiketi zabantwana zokuzalwa.

Ekhuluma nephephandaba i-Echo uthe: “Nginothando labantwana, yingakho ngikhethe ukuqoqa laba abahlala emgwaqeni ukuze ngibasize. Iningi lethu liyaye libe nakho ukubahlulela ngaphandle kokuqonda ukuthi akusibona bonke abasemgwaqeni ngoba bebaleke emakhaya, kodwa abanye babo baphuma ezimweni ezinzima emakhaya. “Anginakho okuningi, kodwa ngiyabahlephulela lokhu okuncane enginakho. Njengoba abanye babo bengezwa ngenxa yokuthi bakhulele emgwaqeni ngisizwa isonto lendawo ekutheni bahlonyeliswe izimilo ukuze bashintshe indlela abaziphatha ngayo.” Uthe okwamanje njengoba bengayi esikoleni ubagcina ngokubenzisa izinto ezibachithisa isizungu njengokudansa, ukulima nokwenza insipho nopholishi. UMjwara uthe yize lukhona uxhaso ababuye baluthole oluqhamuka kwaSpar ose-Selgro, abalutholi njalo okwenza isimo sibe nzima. “Iphupho lami ukubona nginekhaya lokunakekela abantwana abahlala emgwaqeni, okungagcini ngokuthi babe ngabaseMgungundlovu kuphela, kodwa baqhamuke nasezindaweni ezihlukene. Siyacela kunoma ngubani ongasiza ngokudla, izingubo ezindala nokuthi sithole umpheme omkhulu”.

Utholakala ku-079 177 8901

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

6 myths about male cancer
Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.